OSOPOLITIKI, abaculi nabantu bakuleli bahalalisele uDJ Black Coffee, ngokuphinda ahlonishwe ngendondo yeDeep House DJ, eSpain, e-Ibiza, ngoLwesibili ebusuku.
UNkosinathi Maphumulo okuyigama likaBlack Coffee, uthole le ndondo okwesithathu iminyaka ilandelana.
I-ANC, abaholi abehlukene nosaziwayo baveze ukuthi kumele elakuleli liziqhenye ngoBlack Coffee.
I-ANC ithe le nsizwa ilimele kahle elakuleli.
UFikile Mbalula we-ANC uthe: “Usekuphindile futhi lokho, akukona okokuqala siyakubongela.”
UBlack Coffee kuthe uma eqeda ukuthola lezi zindaba, njengoba ebengekho emcimbini, wathi uzizwa ethobekile.
Kuvele ukuthi into ebe yimbangela yokuthi uBlack Coffee angabi bikho emcimbini wukuthi useLondon, usebenza nomculi waseNigeria uWizkid.
“Kuyangithokozisa ukuthi ngiphinde ngihlonishwe ngale ndondo nakulo nyaka. Bengingeke ngiyithole ukuba aningithandi futhi aningixhasi. Konke enikwenza kimina kusho lukhulu,” kubhala uBlack Coffee.