BANETHEMBA lokuqopha umlando ngokuba wumdlalo wokuqala ukuba nababukeli abawu-10 million abadidiyeli bomdlalo kwiSABC 1, Uzalo.
Uzalo, olukhonjiswa ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto kwiSABC 1, yilona oluhamba phambili eNingizimu Afrika ngokwesibalo sababukeli.
Ngokwezibalo ezakhishwa yiBroadcast Research Council of South Africa ngoDisemba lwalunababukeli abangu-9 151 710.
Umqondisi womdlalo, uMmamitse Thibedi, uthe kuyabajabulisa ukwesekwa ngabantu. “Ngemuva kweminyaka embalwa sebenze uhlelo lwaduma. Sinethemba lokuthi sizofika ku-10 million ngokubanikeza indaba ehambisana nesikhathi.”
NgoMsombuluko kuqale isizini entsha yesine yomdlalo. “Ababukeli bangalindela ukubona okuningi nabantu abasha. Uzalo lukhombisa izindaba zangempela zaseNingizimu Afrika, abantu abaziqondayo. Ezinye zezihloko esizozibheka ukuqala isizini entsha wudlame olubhekiswe kubantu besifazane. Sizoyibheka ngokubulawa kukaMaNzuza (Leleti Khumalo) noSmangele (Sihle Ndaba) okuyisiqephu esizodlala ngoLwesihlanu (namhlanje).”
Bobabili kulindeleke ukuthi benzelwe umngcwabo omkhulu ngoLwesihlanu oluzayo esiqeshini esizodlala ihora lonke.
Uthe aboZalo bayaziqhenya ngokunikeza ithuba abalingisi abasha.
“Njengoba uhlelo lukhula, sibe nenhlanhla yokubiza abalingisi abadala abeza nabalandeli. Ukwenza isibonelo, kule sizini sizosebenza nomlingisi onethalente eliyisimanga uBaby Cele odlala indawo kaGabi Zikhali, ongudadewabo omncane kaMfundisi uMdletshe (Glen Gabela).”
Uzalo luqokwe kumaSafta Awards anonyaka emunxeni ovotelwa ngababukeli weMost Popular TV Soap/Telenovela.
“Singathanda ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bakuqinisekise ukuthi Uzalo yiwona mdlalo ohamba phambili nothandwayo ngokusisiza siwine iSafta. Abantu siyacela basivotele ngoba sixoxa izindaba zabo futhi umdlalo uvumbulula abantu abasha abanethalente futhi sizimisele ukusebenza namaciko amadala futhi siqophela eKZN nokusho ukuthi sinikeza ithuba inqwaba yabalingisi abanethalante bakulesi sifundazwe,” kusho yena.
Ukuvotela Uzalo uthumela ikhodi * -17 ku-48430 kanti iSMS ngayinye ibiza uR1.50.