UYAVUTHA umculi kamaskandi uDlubheke ngombhalo obhalwe Igcokama Elisha enkundleni yokuxhumana i-Instagram, nala eveze khona ukuthi abaculi abaya emcimbini waseMabhida bayalamba.
UMthandeni Manqele odume ngeleGcokama ubhale umbhalo omude obuhambisana nesithombe somgubho we-ANC walo nyaka owaziwa ngeJanuary 8 statement, owawuseMabhida ekuqaleni kwalo nyaka.
Lo mbhalo Igcokama liveze ukuthi lidabukela abalandeli bomculo kamaskandi abangalazi iqiniso ngawo, neliyogcina livele obala.
Liqhube lathi lifuna ukuphenyela abalandeli balo iqiniso ukuthi umcimbi olokhu echukuluzwa ngawo ungokabani.
Ube esephetha ngokuthi ozakwabo abaningi abalicabangeli ikusasa lalo mculo wabo, baqhuba indlala phambili bese iqiniso lilandela ngemuva.
UDlubheke ukhwele wadilika kulo mculi ngemuva kwalo mbhalo kuFacebook wathi Igcokama akumele likhulume ngale ndlela njengoba nalo lisenowalo umcimbi.
Uthe akabokhuluma aqondise inkulumo yakhe, asho ukuthi ubhekise kubaphi abaculi uma ethi babulawa indlala.
Ethintwa Isolezwe uDlubheke uthe, kungenzeka ukuthi Igcokama belidakwe utshwala ngesikhathi libhala lo mbhalo.
“Lo mcimbi waseMabhida kucacela noma ubani ukuthi uzoba mkhulu njengoba abantu abaningi bewuxhasile. Igcokama likhuluma kanjena nje kuseza owalo umcimbi ozodinga bona laba baculi athi bayalamba,” kusho uDlubheke.
Uthe yena akasayi kulo mcimbi weGcokama futhi nemali akade esemkhokhele yona ngeke asambuyisela yona.
Omunye umculi othintwe Isolezwe uCevuzile uthe, yena usuthi akayi kulo mcimbi ngoba elambile.
“Mina ngashayelwa ucingo uMthokozisi Zuma (ongomunye wabagqugquzeli) engitshela ngalo mcimbi futhi enxusa ukuthi ngibe yingxenye yawo.
“Angazi-ke yena noma bamthinta yini kodwa angifuni ukungena kulokho. Uma kuwukuthi akathandi ukuba yingxenye yalo mcimbi akayeke thina abalambile siye kuwona. Ngalo mculo thina sibeka isinkwa emakhaya ngakho asiwuqali manje, kade sawuqala ngakho angazi konke lokhu kuphumaphi?” kusho uCevuzile.
UThokozani Langa uthe, Igcokama libhimbile ngenkulumo yalo.
“Mina ngazitshela ukuthi kumaskandi ngizohlonipha wonke umcimbi engibizwa kuwona.
“Lo mcimbi usungulwe uKhuzani wasibiza kuwo ngakho akungabi bikho msindo ngawo njengoba kuyinto yethu sonke lena.
Lo mcimbi impumelelo yomaskandi wonke,” kuchaza yena.
Ukubeke kwacaca ukuthi yena akalambile.
Lithintwa Igcokama lithe alisho kubona bonke abaculi abazohambela lo mcimbi ukuthi balambile kodwa kukhona abaculi abahlangene ngaye noKhuzani ngalo mcimbi waseMabhida.
“Bayazazi abaculi engisho kubona, angifuni ukukhuluma ngalolu daba ocingweni kodwa ngelinye ilanga kuyophuma konke ngawo njengoba sifihlelwa ukuthi okabani. Angizwani nokukhuluma kodwa uKhuzani uyangichukuluza ngezinto azibhalayo ngalo mcimbi wakhe esebenzisa igama lami,” kuchaza yena.
UMthokozisi uthe, ibaphatha kabi lento ekhulunywa Igcokama futhi bayifanisa nenhlamba.
“Asazi noma uhulumeni usephenduke waba inhlangano kaKhongolose yini.
Sisamile ekutheni lo mcimbi owamaciko onke,” kusho uZuma.