KUNYAMALALA komlingisi oyintandokazi uThemba Ndaba, odlala indawo kaBrutus kwiThe Queen kuMzansi Magic, kwenze abantu banganami.
UBrutus unyamalale ngesikhathi kuqhuma ibhomu esikebheni kushada uShaka (Sthembiso “SK” Khoza) noMmabatho (Motsoaledi Setumo). Ngokwalo mdlalo abaqinisekisiwe ukuthi bashonile kulesi sigameko wuGift (Thabang Molaba) noRoy (Kabelo Moalusi).
Ukungajabuli kwabantu kugqame kakhulu ezinkundleni zokuxhumana njengoba kukhona abathi abanikazi balo mdlalo ngabe benza iphutha elikhulu uma bengaqeda indawo yalo mlingisi njengoba bebaningi abachazwa yindawo yakhe.
KuTwitter kukhona abathi uma kungukuthi ushonile ngempela uBrutus, kuzomele kube neholidi eNingizimu Afrika kuzilelwe yena.
Leli sonto liphele kungacaci ukuthi ushonile ngempela yini uBrutus kodwa kunezinhlelo zomngcwabo wakhe njengoba kunenkolelo yokuthi ushonile emuva kokutholakala kwesigqoko sakhe endaweni yesigameko.
Okhulumela uMzansi Magic, uNondumiso Mabece, uthe nabo bayazithola izikhalo kubantu ngokunyamalala kukaBrutus kulo mdlalo.
“Kukhona abathi abasafuni ngisho ukuwubuka umdlalo ngoba bacasulwa ukuthi uBrutus akasekho.
Sicela abantu baqhubeke nokubuka umdlalo ngoba kuningi okusazobajabulisa ngawo. Ngeke ngikudalule okuzogcina kwenzekile ngalo mlingisi kodwa abantu abawubuke. Besingazami ukuzwa amanzi ngobhoko ngokuthi anyamalale kodwa indlela obhalwe ngayo kwisizini entsha ukuthi abanye babalingisi bazobuya abanye ngeke besabuya. Yingakho kuqhume ibhomu kushadwa esikebheni, kwaba khona abashonayo,” kusho uNondumiso.
Uthe uma abantu bewuduba bazophuthelwa okumnandi okusazokwenzeka kuwona ngoba basazomangazeka ngabazokubona kwenzeka.