BABUYE eCape Town beshaya kancane njengabantu abalahlwe yicala besindwa yizikhwama, abaculi bakamaskandi emuva kokubhuntsha komcimbi ngomzuzu wokugcina sebezithembise ukuthi bazocula.
Igcokama Elisha noQhoshangokwenzakwakhe bebezimisele ngomcimbi, iMega Maskandi Festival ogcine ubhuntshile ngenxa yenkinga yezimali kumhleli womcimbi.
Umthombo olwazi kahle udaba, uthi umcimbi ubuzoba seLion Rugby Stadium, eCape Town kodwa umnikazi wemishini yomsindo washaya phansi ngonyawo, wathi ngeke kukhale lutho engakhokheliwe. Umcimbi ubuzoba ngoMgqibelo emini kuze kushone ilanga.
Abaculi abebeqashiwe bebekade beqhosha ngalo mcimbi ezinkundleni zokuxhumana, beshutha besemabhanoyini kucaca nje ukuthi sebejahile.
Ephawula uQhoshangokwenzakwakhe uthe: ‘’Siphoxekile ukuthi asiculanga ngoba bese sizimisele ngokujabulisa abantu. Umhleli ukhala ngokuthi kuqhume ipayipi amanzi agcwala inkundla kwaphoqa ukuthi kuhoxe. Imali ubeyikhokhile wangikhokhela nezindleko zokuhamba nokulala,’’ kuchaza uQhosha
UDUMELE uQhoshangokwenzakwakhe kubhuntsha umcimbi, iMega Maskandi Festival obuzoba seCpe Town izolo
Igcokama Elisha lithi nalo belikhokhelwe konke laze lahamba namagidangoma alo kanti umcimbi awukho.
‘’Sekukhona abantu abafuna ukusizakala ngayo le ndaba ngoba vele yimina kuphela obekhokheliwe futhi baningi abalandeli bami eCape Town. Umcimbi uhlehlile impela ngoba umhleli ukhale ngezinkinga abe nazo abengeke esakwazi ukumelana nazo,’’ kusho Igcokama.
Umgqugquzeli womcimbi, uLion Mvelase uthe ayikho into abebezoyenza ngenxa yenkinga ebehlele.
‘’Ngesikhathi begxumeka esiteji bavele baqhumisa ipayipi lamanzi achitheka agcwala inkundla angabe esalawuleka. Kuzohlelwa olunye usuku umcimbi ubuye uqhubeke,’’ kusho uLion.