ZIHAMBE zenelisekile wubumnandi eMax’s Lifestyle, eMlaza, izithandani eziwine emncintiswaneni weSolezwe wokuyojuxuza kule ndawo ngoMgqibelo.
Njengoba kuyinyanga yothando, iphephandaba belinomncintiswano lapho abafundi bebehlomula ngokuyojabula kwaMax babuke nebhola. Bekudlala iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates emdlalweni ophele ngo 1-1.
Izithandani okungoSandile Mkhize nomkakhe uDumisile, uMzwandile Jali nesithandwa sakhe uThobisile Mpanza, bezihlaliswe endaweni yezicukuthwane esanda kulungiswa.
Zizitike ngezoso neziphuzo zibuka ibhola kubhazabhaza wethelevishini egxunyekwe kule ndawo. Ngaphandle kwalokhu, ithimba lezokukhangisa kuleli phephandaba, ebeliholwa nguNoluthando Ngubane, liphinde labagixabeza ngezipho ezehlukene.
Omunye wabahlomulile, uSandile waseLamontville, uthe uyaqala ukuwina yize eyingenela imincintiswano.
“Kukhona omunye wokuwina inkomo nawo ngangiwungenela kodwa awukho engake ngawuwina. Angikholwanga siwina, ngibone ngoba sesifika lapha,” kusho yena.
UMzwandile uthe uphelelwe amazwi.
“Ngiphatheke kamnandi ngendlela engingakwazi ukuyichaza. Isolezwe yiphephandaba lethu. Angazi ukuthi ngikhethwe kanjani lifundwa kangaka. Bengiqala nokuba yisicukuthwane. Ngiyabonga angiphezi,” kusho uMzwandile waseNkandla kodwa ohlala eMayville.
ABALANDELI bebhola beseMax’s Lifestyle eMlaza bebukela umdlalo we-Orlando Pirates neKaizer Chiefs
UNoluthando ubonge bonke abangenele umncintiswano.
“Ngiyabonga naseMax’s Lifestyle ngokusipha leli thuba. Abawinile bajabule kakhulu,” kusho yena.
Abantu bebephume ngobuningi bezobuka umdlalo. Kwabebekhona kubalwa noPhillip Sithole oyiPhini leMenenja ophikweni lokuThuthukiswa koMnotho, ingwazi ye-Orlando Pirates uJerry “Legs of Thunder” Sikhosana.
Ngesikhathi umdlalo ususekhefini izethameli bezizihlomulela ngemiklomelo kwazise bekukhona abaphisi botshwala abebekhangisa ngemikhiqizo yabo. Umculo ubuqhululwa ngoDJ abehlukene baseMax’s Lifestyle.