Ezokungcebeleka

Babheme bakholwa kwiGcwalisa Spring Picnic All White

Fanelesibonge Bengu|Published

BAME eduze kwesiteji befuna ukubona kahle okwenzekayo emcimbini iGcwalisa Spring Picnic All White Isithombe: NQOBILE MBONAMBI

IBENGEKE ivume insizwa yesihlalo ukuphazamiswa yimvula ebiqonde ukubhidliza idili lomculo kwiGcwalisa Spring Picnic All White ngoMgqibelo eThekwini, yavele yaketha ukusithwala ukuze inganethwa Isithombe: NQOBILE MBONAMBI

Bekumhlophe inkundla eKing’s Park Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo kusuka ekuseni kwaze kwaba yisebusuku. Bekunomcimbi iGcwalisa Spring Picnic All White obekungokokuqala ngqa wenzeka. Abantu bebephume ngobuningi ukuyozitika ngomculo obuqhululwa yizilomo ezahlukene.

UNtencane unikezwe umklomelo wegolide ngokudayisa kakhulu komculo wakhe ngesikhathi enandisa esiteji Isithombe: Moeketsi Mamane
UKAMO Mphela ubengagcini ngokucula kodwa ubeshaya nemidanso aziwa ngayo esiteji Isithombe: Moeketsi Mamane
UDUMAKAHLE ushaye amanoni aziwa ngawo Isithombe: Moeketsi Mamane
USOMIZI Mhlongo ubengomunye wabaphathi bohlelo Isithombe: Moeketsi Mamane
UCASSPER Nyovest enandisa eKing’s Park Isithombe: Moeketsi Mamane
BEBENGAZIBEKILE phansi bedansa abebesemcimbi Isithombe: Moeketsi Mamane
USJAVA ufike eyishaye yaphelela imvunulo Isithombe: Moeketsi Mamane
UJUMBO ushukumise inkundla kwachwaza izihlwele Isithombe: Moeketsi Mamane