ABADIDIYELI boZalo bathembisa ukuqhubeka nokubhala umdlalo ozoheha ababukeli njengoba lo mdlalo uphinde wabukwa abantu abangaphezulu kuka-10 million.
Ngenyanga eyedlule lo mdlalo ube nababukeli abangu-10 129 851, ngokwezibalo ezikhishwe ngabeThe Broadcast Research Council of South Africa.
Isiqephu esibe nalesi sibalo sababukeli ngesomshado kaKhathaza Khanyile (Sibonile Ngubane) noMaNgcobo (Dawn Thandeka King) ngoJuni 21.
Kusona kwafika uNkunzi (Masoja Msiza) ezophazamisa futhi noGabisile (Baby Cele) wacishe wabamba uMaMlambo (Gugu Gumede) ukuthi utshontshana nomyeni wakhe uQhabanga (Siyabonga Shibe).
Phambilini ababukeli abangaphezulu kuka-10 million lo mdlalo wabathola ngesikhathi kunesiqephu somshado kaNkunzi eshadelwa nguMaNgcobo noMaMlambo kanyekanye.
Okhulumela iStained Glass, edidiyela lo mdlalo, uMarang Setshwaelo, uthe bajabule kakhulu ngalokhu.
“Siyajabula ngokuphinda sithole ababukeli abangu-10 million. Siyabonga kubabukeli ngokuqhubeka nokuseseka,” kusho uMarang.
Uqhube wathi: “NjengeStained Glass TV siyathembisa ukuthi sizoqhubeka nalezi zindaba futhi sethule ezizojabulisa abantu.”
Kushubile kuZalo kulezi zinsuku ngemuva kokuthi uGabisile edubule uMaMlambo esontweni ngemuva ngokumbamba nomyeni wakhe uQhabanga.
NoSbu (Simphiwe Majozi) ezama ukuqinisa ubudledlwano bakhe noFikile (Nelisa Mchunu).