Ezokungcebeleka

Ayikho into ebuhlungu njengokulala nesilwane

Volos|Published

NGESO LIKA VOLOVOLO

Ngicela ongangisiza enkingeni yami yokuthi ngilala nesilwane zonke izinsuku. Indlela okwenzeka ngayo sengize ngesabe nokuyolala ngoba lesi silwane siyangidovadova senze nami ucansi ngenkani”.

Uma abantu bezwa umuntu ekhala echaza inkinga yakhe yokuthi ugqilazwa yisilwane esilala naye ebusuku bavele bahleke bathi uyabheda. Iqiniso lithi umuntu olala nesilwane udinga ukudatshukelwa ngoba usuke engasibizanga ukuthi sizolala naye kodwa siyazifikela singene embhedeni silale naye ngenkani.

Kuwukungabinalo uzwelo ukwenza ihlaya ngomuntu onenkinga yokubhuquziswa yisilwane kuthiwe, unamanga wenziwa ukucabanga kakhulu.

Abantu abangazi bavamise ukubuza ukuthi kungabe isilwane siyameshela yini umuntu esifuna ukulala naye? Impendulo ithi cha, isilwane asizikhathazi ngokushela umuntu kodwa sivele siqabule sifake ulimi emlonyeni kube ongaphansi nongaphezulu sekuyiwa ocansini.

Uma kungathiwa akuchazwe ngolimu oluqondile singathi abantu abanenkinga yokulala nesilwane sisuke sibadlwengula ngoba kusuke kungavunyelwene. Kubo bonke abantu asebake balala nesilwane basho into eyodwa ukuthi sifika kube sengathi uphupha kunomuntu eniwotawotana naye.

Kulokho kuwotawotana kuthi uma sekungenwa enkonzweni yocansi kucace ukuthi akusiyena umuntu lona okulelwe naye ngoba isilwane sijika senze imigilingwane ekhombisayo ukuthi singumuntu ongemuntu.

Kungabe lumnandi noma lubi ucansi olwenziwa yisilwane uma silele nabantu ebusuku? Impendulo ithi luyinto engachazeki ucansi olwenziwa yisilwane ngoba luletha ukujabula nokuphoxeka kumuntu. Uma lwenzeka uyajabula kube ongathi usocansini oluvutha amalangabi, uma usuqeda usubona ukuthi uwotawotwa yisilwane ufikelwa ukuphoxeka uzibone usetshenzisiwe.

Kungabe kuyenzeka yini ukuthi umuntu alale nezilwane ezimbili ngesikhathi esisodwa? Impendulo ithi cha, akwenzeki ngoba izilwane ziyahloniphana Uma isilwane sikubona ukuthi ulala nesinye asibe sisazihlupha ngokulala nawe ngoba sisuke sikubona ukuthi ujola nesinye.

Ngamanye amazwi kusho ukuthi alikho ishende lesilwane, uma unesilwane olala naso kufanele wazi siyolala nawe uyoze uyophunyuzwe wukufa.

Kuzo zonke izinto ezibuhlungu emhlabeni ayikho ebuhlungu eyedlula ukuthi uthandane nomuntu olala nesilwane ulele naye embhedeni.

Uthole ukuthi nisanda kulala niyazixoxela nilungiselela ukuya ocansini, uthi uyezwa isithandwa sakho sesiyahona sesibanga imisinjwana ekhombisa ukuthi sisocansini. Uma usibuza ukuthi kwenzenjani sikutshele ukuthi besicabanga ukuthi siya ocansini kanti siyaphupha.

MaSolezwe impilo inzima lapha emnyango. Kunamadoda angakutshela ukuthi kubuhlungu kanjani ukuthi ulele nomuntu wesifazane umuzwe ekhala ekhaliswa yisilwane simfaka ulimu emlonyeni.

Ngokunjalo kunabantu besifazane abangakuchazela usale unkemile uma bekwazisa ngobuhlungu bokuthi ulele nendoda embhedeni kodwa igqume iqqunyiswa yisilwane sikuncela amadlebe.

Ngiyazi abantu bazothi uVolos unamanga uma ethi kuyenzeka umuntu alale enganayo iLove-bite kodwa avuke ekuseni esenayo yenziwe yisilwane. Kafushane ngithi, akufanele umuntu aphike athi ukulala nesilwane kuyinto engekho ngoba ngelinye ilanga uyowuzwa uKiss wesilwane simvuse ebuthongweni ngesinqandi esiqeda ubuthongo.