KUSINDA kuyehlela kobengumyeni kaSomizi Mhlongo njengoba kuvela izindaba ezithi umshado wabo awukho emthethweni.
Lokhu kuvele ohlelweni lukaSomizi, ukuthi umshado wabo wawungabhalisiwe eMnyangweni wezaseKhaya.
UMhlongo uhlangane nomeluleki wezomthatho, uMnuz Hopewell Sathekge efuna iseluleko ngokuhlukanisa kwakhe noMohale Motaung ngemuva kokuvela kwezindaba ezithi abakaze basayine lutho.
Kuthiwa umfundisi wakhohlwa ngamaphepha omshado okwakumele bawasayine emshadweni wabo owabe uyindumezulu ngoJanuwari 2020.
“Ngangazi ukuthi zazizoba khona izinkinga kulo mshado, njengokujwayelekile, kodwa kuba khona izinkinga obonayo ukuthi ziyokufaka eweni. Uma besitshela ukuthi umfundisi akasiphethe isitifiketi, ngavele ngancoma uNkulunkulu!” kusho uSomizi ohlelweni.
UMohale, okuthiwa ufuna ingxenye yengcebo kaSomizi, ubhekene nenkiyankiya njengoba bungekho nobufakazi obuqoshwe phansi benqubo yamalobolo.
Umbiko wakamuva ovezwe yiCity Press, uthi umthombo osondelene nodaba uveze ukuthi umndeni kaMohale wabuyisela uSomizi imali yakhe yelobolo ngoba ungahambisani nomshado wabo.
Kwenzeka lokhu nje abameli babo bobabli banezingxoxo mayelana nokudlulisa isimo ukuze kuqedwe ngendaba yomshado kwazise yinkulu nengcebo kaSomizi ebhekiwe.