UMSAKAZI woKhozi FM uDudu ‘Lady D’ Khoza ozobe ephethe uhlelo. Isithombe: SIGCINIWE

ATHENGWA ubuthaphuthaphu amathikithi omcimbi weNtandokazi njengoba esembalwa asele ezitolo.

Intandokazi Women’s Club ehlelwa Isolezwe ezoba seCoastlands Hotel and Resorts eMhlanga ngo-Agasti 24, sekusele cishe amathikithi okuba kuyona angu-64 kuphela.

UNksz Noluthando Ngubane wezokumaketha kuleli phephandaba, uthe angu-256 amathikithi asethengiwe ema-computicket.

Uthe lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi kuzophela isonto esephelile.

UNksz Ngubane unxusa wonke umuntu onesifiso sokuba yingxenye yalo mcimbi ukuthi aphuthume angaze aphele wonke.

Umsakazi woKhozi FM uDudu “Lady D” Khoza uzobe ephethe uhlelo kulo mcimbi. Usomabhizinisi waseThekwini uNksz Zodwa Msimang, we-Ikhono Communications uzobe ecija imbokodo ngeziphathelene nomkhakha akuwona.

Ezempilo nazo ngeke zisale ngaphandle njengoba ezobe ekhona ungoti wokudla uNksz Ella Ford Mthethwa we-Ellagence Boutique.

UNksz Mthethwa uzophinde akhulume nangezinhlobo zokudla ezidingwa wumzimba womuntu wesifazane nemisebenzi eyahlukene equkethwe yilokhu kudla.

Ngaphandle kwalokhu uzophinde anikeze amasu okuhlanganisa ngendlela ukudla okugcina isikhumba sinempilo kanjalo nezindlela zokuzivocavoca ezihambisana nendlela yokudla. Ngaphandle kwalezi zikhulumi zizobe zikhona nezinye okubalwa nongoti bezemfashini abazocija abesifazane abazobe behambele lo mcimbi.

Ubumnandi nabo buzobe bubuzwa khona emcimbini njengoba uDj Sjerere ezobe eklwebha amapuleti. Iqembu iMalini lizobe liqhulula amanoni elidume ngawo athandwa kakhulu.

Ithikithi libiza uR500 lilinye.