INKOSIKAZI yesihlabani somculo weGospel esingasekho emhlabeni, u-Sfiso Ncwane, u-Ayanda, isiphinde yagxeka inqubo yesiko lokuzila ebekelwa abafelokazi.
U-Ayanda ukhalaze ngale nqubo ekhasini lakhe ku-Instagram izolo.
UNcwane uthe kuyakhathaza ukuthi noma sekwaba khona inkululeko yabantu, abafelokazi basacindezelwa yimithetho yamasiko ababekelwa yona kudala.
"Emuva kweminyaka engu-25 kwaba khona inkululeko kuleli, abafelokazi basacindezelwa baphinde baphathwe kabi yimithetho yesintu namasiko angabekezeleleki. Ngokomthethosisekelo waseNingizimu Afrika, sonke siyalingana kodwa kuze kube yimanje abafelokazi kusalindekeke ukuthi bagqoke inzilo izinyanga ezingu-12 kodwa amadoda wona ayaqhubeka nezimpilo zawo ngemuva komngcwabo wamakhosikazi awo," kusho uNcwane.
UNcwane uqhube wathi ukugqoka inzilo kufanele kube ukuthanda komfelokazi hhayi impoqo ebekwa yisiko.
View this post on Instagram
A post shared by Ayanda Ncwane(@ayandancwane) on Aug 18, 2019 at 1:11am PDT
Abalandeli bakhe bebehlukene phakathi ngombono wakhe, abanye behambisana naye kanti abanye bebemchitha. Abanye babe nethuba lokuxoxa ngezinkinga asebeke babhekana nazo ngokucindezeleka kwabafelokazi.
U- @boitumelo.mrwetyana
uthe: "Le nqubo ayidalelwe ukucindezela abantu besifazane, kepha akufanele iphoqwe. Amadoda nabesifazane banezindima ezihlukene abazidlalayo futhi lokho akusenzi ukuthi singalingani. Kungakuhle sihloniphe ukwehluka kwethu nezindima esizidlalayo."
U- @thembelanyawose
uthe: "Uqinisile Ayanda, mina ngaxoshwa umamezala wami namadodakazi akhe ngosuku engangcwaba ngalo umyeni wami. Ngikhuluma ngomama okhulekayo, konke lokhu kwenzeke ngenyanga edlule. Thina bantu besifazane siyahlukumezana."