ASEFUNA ukugqashula ifindo lika sofa silahlane amawele aseVosloorus, eGoli, ashada nomyeni oyedwa.
Umshado wamawele o-Owami beno-Olwethu Mzazi (29) waba sematheni ngonyaka ka-2011 ngesikhathi beshada nomqondisi wezinhlelo zethelevishini uMnuz Mzukiseni Mzazi (51).
Ngesikhathi beshada noMzazi babeneminyaka engu-21 kuphela kanti uMzukiseni wayeneminyaka engaphezu kuka-40 ngaleso sikhathi.
Lawa mawele athi akhuliswa ngugogo wawo kanti wawafundisa ukuhlukaniselana konke anakho, yingakho noma eseshada akhetha ukushada nomyeni oyedwa.
"Sikhule sihlephulelana kukho konke esinakho yingakho kungabanga yinkinga ukushada nomyeni oyedwa," kusho bona.
Abakuveze njengesizathu sokwehlukanisa umshado wabo bathe, umyeni wabo wabafihlela ukuthi usashadile futhi unezingane eziningi. Athe umshado wabo ukhungathwe yizinkinga eziningi ngemuva kokwazi lokhu.
Aveze ukuthi ngesikhathi ephothula umatric ayenesifiso sokuba abalingisi nokuyikho okwabahlanganisa noMzukiseni owayengumqondisi womdlalo wansuku zonke kuSABC2, iMuvhango, ngaleso sikhathi. U-Owami uthi esikhundleni sokuthi uMzukiseni abanike ithuba lokulingisa wababekela umbandela wokuthi uzobasiza uma bezomshada bobabili.
"Umzukiseni akaze asithande kepha wasishada nje ngoba sasiseyizintombi nto. Asingenanga emshadweni wethu ngoba simthanda umyeni wethu kodwa sishada naye ngoba sibalekela indlala," kusho u-Olwethu.
Ngokombiko we-ECR, lawa mawele asefake isicelo sokwehlukanisa umshado kodwa awakwazi ukudalula imininingwane kuze kuphothulwe idivosi yawo.
"Asikwazi ukudalula okuningi manje kodwa siyethembisa ukudalula konke uma seyiphothuliwe idivosi," kusho bona.
Laba bobabili bathi basezinhlelweni zokuqala ibhizinisi labo babhale nencwadi ngempilo yabo kanti futhi bazimisele ngokuqala impilo yabo kabusha.
View this post on Instagram
A post shared by Thula Mkhize ™️(@kuthulamkhize) on Feb 9, 2015 at 8:24am PST