UMCULI waseHammarsdale, eThekwini uNomcebo Zikode usephumele obala ngokuthi akaze athole ngisho isenti ngengoma eyashisa izikhotha umhlaba wonke iJerusalema apikwe kuyo uMaster KG.
IJerusalema iphenduke intandokazi kuleli nakwamanye amazwe kusuka yaphuma ngasekupheleni kuka-2019 futhi kuYoutube isibukwe amahlandla angaphezu kuka-420 million.
NgeSonto ekuseni uNomcebo uvuke wafaka isitatimende emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana lapho ebonge khona abantu ngokufeza amaphupho akhe. Uthe yize kunjalo kodwa usalinde okumele kuze ngakuye.
"Angikaze ngikhokhelwe ngisho isenti yinkampani ngeJerusalema yize ingoma ibe yimpumelelo emhlabeni jikekelele. Ngiphendulwe inhlekisa kwathathwa kancane amagalelo ami," kusho uNomcebo.
— #XolaMoyaWamAlbum #Indlela (@Nomcebozikode) July 11, 2021
Uthe uthando nokwesekwa akuthola kubalandeli bakhe yikho okumnikeza amanadla ngalesi sikhathi "esinzima".
"Mina njengomculi wesifazane ngeke ngisathula manje, udaba sengiludlulisele kubammeli bami."
UMaster KG ubhale ekhasini lakhe leTwitter ukuthi isivumelwano kwaba ukuthi bobabili bazohlukaniselana uhhafu kodwa uNomcebo usefuna u-70% yena athole u-30%.
Last Year Nomcebo Started Jerusalema Tour Without Me And I Never Had A Problem And Few Weeks Back I Started My Tour And Then Nomcebo Went To The Media and Created a Story That I'm Leaving Her behind...I Dont Really Know Why Things Must Be Like This pic.twitter.com/94G50TOrLF
— MASTER KG (@MasterKGsa) July 11, 2021
"@Nomcebozikode ungakuqinisekisa ukuthi awukakawutholi uR1.5 million okwamanje ngeJerusalema? Futhi ngaphambi kokuthi ngichaze izinto eziningi, anikakangikhokheli ngeXola Moya Wami kuze kube yimanje kodwa usuyitholile imali ngeJerusalema."
IXola Moya Wami yingoma kaNomcebo apike kuyo uMaster KG.