UMREPHA ongaconsi phansi kubathandi be-hip hop kuleli ukuthi akaziboni ebuyisa umcimbi wakhe we#FillUp eThekwini ngemuva kwepolitiki yakhona endimeni yomculo eyamshiya esabela impilo yakhe futhi esezikweletini.
UCassper usejabulise abathandi bomculo kuleli ngalo mcimbi awuqala eTicketPro Dome eGoli ngaphambi kokuwudlulisa ezinkundleni zemidlalo i-Orlando Stadium, FNB Stadium kanye neMoses Mabhida nyakenye.
Kuleli sonto uCassper umatasa uxhumana nabalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana ngezinhlelo zakhe ze#FillUp yalo nyaka kanti ngesikhathi ecelwa umlandeli oyedwa ukuthi ayibuyise eThekwini, akananazanga ukumazisa ukuthi ngeke kwenzeke lokho.
“Angicabangi ukuthi ngiyoke ngiphinde ngibuyise iFill Up eThekwini. Ngiyabathanda abalandeli bami ngoba bayangeseka kodwa ayikho ipolitiki yomculo esengike ngabhekana nayo embi njengeyaseThekwini. Ngangisabela impilo yami futhi ngase ngifuna ukuqeda ngiphume. Ngijabule sekwadlula,” kusho yena.
Kuzokhumbuleka ukuthi uCassper wahlangabezana nenqwaba yezinkinga ngesikhathi enza umcimbi wakhe eThekwini. Kunezinhlangano zamaciko zaKwaZulu-Natal ezakhalaza kuMasipala weTheku ngemuva kokuthola ukuthi uzoxhaswa ngezigidi zamarandi ukuhlela lomcimbi. Ngaphezu kwalokho, iGagasi FM lashayela isipikili ekuphazamisekeni kwezinhlelo zikaCassper ngokumemezela ukuthi uzoba ngosuku olufanayo umcimbi waminyaka yonke iGagasi Beach Fest.
Ngenyanga edlule uCassper uveze ukuthi imshiye ecwile ezikweletini iFillUpMosesMabhida. Uthi lokhu kwaphazamisa ukusebenza kwehhovisi leFamily Tree (inkampani yakhe).
“Ngizobe sengisesimeni esikahle semali ezinyangeni ezizayo bese siyabangena,” kubhala yena.
Ngesikhathi ekhuluma nabalendeli bakhe ngomcimbi walo nyaka, uthe akafuni ukujaha ukumemezela izinhlelo zakhe ngoba nyakenye kwamxaka lokhu.