UZINZI Zungu obelingisa indawo kaMaDlamini, oyinkosikazi yommeli uBheki Zulu (Luthuli Dlamini) akazi ngekusasa lakhe emdlalweni Uzalo asamile ukuqopha kulo.
Indawo ayilingisayo ifike yashukumisa umdlalo. Ubengumuntu osuka eGoli ezohlala nomyeni wakhe bezosiza abantu baKwaMashu ngezinto ezithinta umthetho.
Kodwa kunokusiza umphakathi ngezinhlelo zawo, uhlangabezane nembibizane uma ethola ukuthi umyeni wakhe uthandana noMaNzuza (Leleti Khumalo).
Ukugcina kwakhe ukubonakala emdlalweni wayezotshela ibandla laKwaMashu, okukhonza kulo nomyeni wakhe, ngokuthandana kukaMaNzuza noBheki.
UZinzi uthe okwamanje usamile ukuqopha futhi akanaso isiqiniseko ukuthi uzoqala nini futhi.
“Angazi noma ngisazobonakala yini emdlalweni Uzalo njengoba ngisamile ukuqopha futhi nababhali bengakangitsheli lutho ngokuzokwenzeka ngendawo yami. Ngilijabulele kakhulu ithuba engilithole kuZalo, olwenze ukuthi ngiyohlala KwaZulu-Natal okuyikhaya lami elinye futhi,” kuchaza yena.
Uthe angajabula ukubuye abonakale emdlalweni ngoba ufunde lukhulu nasendaweni abeyilingisa.
“Ibiyenza abantu bangibuze izinto eziningi uma behlangana nami. Ngiyathemba ngizophinde ngiqale maduze kuyo futhi ngibone-ke kulokhu ukuthi izobe ingiphatheleni,” kusho uZinzi.
Okwamanje uthe umatasa usiza intsha efuna ukungena ekulingiseni enkampanini yakhe, iStar Quality, amahhovisi ayo akhona eThekwini naseGoli.
U-Ayanda Mthiyane okhulumela umdlalo uthe okwamanje ngeke baphawule lutho ngalolu daba.