ABESIFAZANE okukhona kubo uKgomotso Ndungane no-Ayanda Ncwane ngeke baze babe yingxenye yamakhosikazi azobonakala kwisizini yesibili yohlelo i-The Real Housewives of Durban.
Lokhu kuqinisekiswe izolo abakwaShowmax, ngesikhathi bekhipha isimemezelo sokuthi lolu hlelo lukhuza ibuya.
Kwabesifazane ababonakala kusizini yokuqala nababuyayo kwentsha ezoqala, kubalwa inkosikazi yesigwili esingusomabhizinisi saseThekwini uVivian Reddy naye ongusomabhizinisi odumile uSorisha Naidoo, nosomabhizinisi uLaConco, Nonku Williams no-Annie Ludick.
Amahebezi ngabasha abazobonakala kulolu hlelo kubalwa unkosikazi kaMusa Mseleku uThobile Mseleku, intokazi ezakhele igama ngokuba umkhangisi nomrepha uLondi London nomunye wesifazane yena obekungacaci ukuthi ungubani.
UKevin Kriedemann wakaShowmax uveze ukuthi konke okuthinta lolu hlelo bazokumemezela namhlanje.
Yize izolo bese sikhona isithombe esinabo bonke abazoba yingxenye yesizini entsha kodwa abasha abazobajoyina ubuso babo bebungaveziwe kahle
“Ekuseni kusasa (namhlanje) kuzobe sekwaziwa ukuthi ngobani abazojoyina lolu hlelo njengoba sesisikhiphile isithombe sabesifazane abasha abazobonakala kule sizini. Siyathemba ukuthi abantu bazolujabulela uhlelo njengoba luza nokukhulu,” kusho uKevin.
Isizini yokuqala yaphela sekucaca ukuthi uKgomotso uyabuya yini, njengoba ayengekho ngesikhathi kuqoshwa isiqephu sokugcina, lapho babephawula khona ngokwenzekile ngesikhathi beqopha.
U-Ayanda Ncwane izindaba zokungabuyi kwakhe kulolu hlelo bezilokhu zivela kwabezindaba.
Isolezwe NgeSonto like labika udaba lokuthi u-Ayanda, uhoxe kulolu hlelo ngenxa yokuthi inhloso yakhe yokungena kulona akayiboni ifezeka, kunalokho lumbeka njengomunye umuntu kubabukeli.
Udadewabo kaDJ Sithelo Shozi, uZekhethelo, ngomunye wabesifazane obekuvela ukuthi uzobonakala kulona kodwa lokho nakho kwangenzeka.