AMAWELE aKwaDukuza uViggy noVirginia Qwabe awenze waba nzima futhi wahluka umsebenzi wamajaji kulo nyaka kuma-Idols SA.
URandall Abrahams, Somizi Mhlongo no-Unathi Nkayi kulo nyaka kubaphoqile ukuthi badlulise ngomuntu oyedwa esigabeni la kumenyezelwa khona iTop 16.
Isolezwe lithole ngemithombo yalo ukuthi njengoba ngeSonto kulindeleke ukuthi kumenyezelwe abawu-16, kodwa
bawu-17 abazodlulela esigabeni esiphambili.
Kuthiwa lokhu kudalwe amawele angene womabili kulesi sigaba okwenze kwadlula esibalweni esijwayelekile.
“IKwaZulu-Natal yenze kahle kakhulu kulesi sigaba. Baningi abaqhamuka khona abadlulele esigabeni esilandelayo. U-Viggy noVirginia, abadlulele esigabeni esilandelayo, bawathwalise kanzima amajaji. Iningi intsha enethalente okwenze kwangaba lula ukuthi bayithumele ekhaya yingakho kuze kwadlula nesibalo kwangaba yi-Top 16 kodwa kwaba yiTop 17,” kusho umthombo.
Uthe kulo nyaka bonke abangenele umncintiswano bebezimisele. Iningi beliqala lenza konke okusemandleni ukuya kude nohlelo.
“Ngisho ophrojusa bohlelo bajabule kakhulu ngendlela ithalente elikhona ngayo futhi bachazwa wukuthi abaningi bayaqala kodwa bakhombise ukuzimisela,” kusho umthombo.
Imizamo yokuthola uPhilly Kubheka okhulumela iMzansi Magic ayiphumelelanga. Ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa nemiyalelo athunyelelwe yona akazange ayiphendule.