ABAPHATHI bomcimbi waminyaka yonke amaSouth African Music Awards (Sama) bayilaxazile iSABC kulokhu bakhetha ukuthi umcimbi ka-26 usakazwe kuMzanzi Magic (161).
Bese kukuningi ukuqagela ukuthi umcimbi ngabe uzoba khona yini ngenxa yeCovid-19 ephazamise izinto eziningi.
Isiqubulo somcimbi walo nyaka sithi ForThaKultcha. Uzosakazwa izinsuku ezinhlanu zilandelana kusuka ngo-Agasti 3 kuya ku-Agasti 7 ngo-9.30 ebusuku.
UNhlanhla Sibisi, umphathi weRisa ephethe amaSama, uthe baningi abafuna ukusakaza okuthinta umcimbi yingakho uzodonsa izinsuku ezinhlanu.
“Kuzosakazwa izinto ezehlukene ezithinta umcimbi imizuzu ewu-30 usuku ngalunye. Kuyothi ngomhlaka-7 bese kuba wumcimbi omkhulu oyothatha cishe ihora lonke. Imfashini siyiyilindele kuwo wonke umuntu ezinkundleni zokuxhumana. Abethuli bomcimbi bayojabulisa abalaleli ngabaculi abayonandisa okuyinto esithemba ukuthi iyojabulisa ababukeli njengoba ithimba elihlanganisa umcimbi lenza konke ukuthi ujatshulelwe abazobe bewubuka,” kusho uNhlanhla.
Uthe abaqokwe emunxeni weRecord of the Year neMusic Video of the Year nabavotelwayo bazomenyezelwa ngoLwesine ezinkundleni zokuxhumana.
“Sibheke phambili ukwethula umcimbi ngendlela ehlukile. Simema wonke umuntu ukuthi ahlanganyele,” kusho uNhlanhla.
UNomsa Philiso wakaM-Net, uthe amaSama ngomunye umcimbi ohlonipha amaciko emculweni.
“Siyaziwa ngokukhombisa izinhlelo zasekhaya eziteshini zethu ezehlukene. Siyathemba ukuthi ababukeli bethu bazowujabulela umcimbi nathi okusijabulisile ukuwusakaza kulo nyaka,” kusho uNomsa.