KUNGAKAPHELI nonyaka edlulile emhlabeni umrepha wakuleli uHHP, usezohlonishwa ngendondo yeLifetime Achievement emcimbini wamaSouth African Music Awards (SAMA) alo nyaka.
U-HHP owatholakala eshonile ngeke ahlonishwe yedwa kulo mcimbi kodwa uzohlonishwa neqembu iTKZee, neqembu elazakhela igama ngama90s, iMango Groove.
UNhlanhla Sibisi oyisikhulu esiphezulu uthe, bajabule ngohambo asebeluhambile njengoba bezobungaza iminyaka engu-25, kulo nyaka.
“Sizohlonipha lezi zingqungqulu ngeqhaza lazo emculweni. Iqembu iMango Groove lazakhela udumo ngokuhlanganisa izinhlanga ngesikhathi sengcindezelo eNingizimu Afrika, nalo leli qembu lalixube izinhlanga ezahlukene.
I-TKZee ingene emculweni elakuleli lisanda kungena enkululekweni, lafika nesigqi esimnandi esasishisha nesalenza laba izingqalabutho emculweni ngokushesha,” kusho uNhlanhla.
Uthe uHHP efika endimeni yomculo washiya abaningi bemangele njengoba weyecula umculo we-hip hop ngolimi lwesiTswana.
“Okuphinde kujabulise ngoHHP ukuthi indondo yakhe yokuqala iphuma endimeni azinikela kuyona kakhulu. Sibashayela ihlombe bonke abazohlonishwa kulo mcimbi, siyalibona iqhaza labo futhi sibethulela isigqoko,” kuchaza yena.
Lo mcimbi uzobanjelwa eNorth West, eSun City ngoMeyi 31 nangoJuni 1.
Umcimbi wesibili ozoba ngoJuni 1, uzosakazwa bukhoma kuSABC1 ngo-8 ebusuku.
Amathikithi alo mcimbi uthe asatholakala namanje ecomputicket ngoR415.