IZINGQUNGQULU zomculo wesicathamiya futhi ezingompetha bamaGrammy Awards, iLadysmith Black Mambazo, zithi sezibeke wonke amathemba azo kuNkosinathi "Black Coffee" Maphumulo ngekusasa eliqhakazile labaculi abasafufusa.
Omunye wabaholi baleli qembu, uSbongiseni Shabalala, uthe bayamhalalisela kakhulu uBlack Coffee ngalo mlando awuqophile kuleli.
"Siyambongela umfoka Maphumulo kuleli gxathu aselithathile nempumelelo yakhe ukuthi aze akwazi ukuthenga amasheya akwaGallo, okuyinkampani enkulu nenomlando omkhulu kangaka eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke. Kusinika ithemba uma amaciko ekwazi ukuba ngabaphathi bezinkampani ukuthi izinkinga ezibhekana namaciko asaqala endimeni, ngeke zisaba khona ngoba abaphathi abasha sebeyazazi badlula kuzo," kusho uSbongiseni obuye abe ngumholi weqembu likamaskandi ebeliqopha kwaGallo,iShabalala Rhythm.
UBlack Coffee, ongomunye woDJ abahlonishwa umhlaba jikelele, umemezele ukuthi uzofika nezinguquko ezizofukula amaciko akuleli, kungafani nasekuqaleni lapho amaciko abekhala ngokuxhashazwa yizinkampani.
NoMoses "Black Mose" Ngwenya weSoul Brothers futhi oke wasebenza noBlack Coffee, uthe bona njengabaculi abasebenze kakhulu neGallo bayayijabulela kakhulu impumelelo yalo DJ.
"Sinethemba manje ukuthi izikhalo zethu ezindala ebesizicela eGallo zizozwakala kangcono futhi abaculi bacatshangelwe, bangathathwa njengamathuluzi okwenza imali," kusho uBlack Mose ongomunye wabasunguli baleli qembu ebeliqopha ngaphansi kwakaGallo.
USipho Mchunu wodumo kwiJuluka uthe yize ekujabulela ukubona abantu abasha bengena ekuphathweni kwebhizinisi lo mculo kodwa uyacela bazifeze izithembiso abasuke bezenzile kubaculi.
"Kufanele enze isiqiniseko sokuthi abaculi bayasizakala, bangafike babe nesandla ekubaxhaphazeni. Umculi ufike anikezwe iphepha elibhalwe ngamagama amancane, asayine kanti usezigwaza ngowakhe," kusho lo mculi ohlonishwe ngeziqu zobudokotela nyakenye yiDurban University of Technology.
UBlack Coffee uthe yinkampani atshale kuyo imali iFlightmode Digital emtholele lamasheya eGallo.
"Ngakho manje sengingomunye wabanikazi bamasheya abakhulu kule nkampani yakuleli eyingxenye yesiko nomlando waseNingizimu Afrika."
IFlightmode Digital inkampani yezobuchwepheshe eyasungulwa nguBlack Coffee ngo2017 futhi enoxhaxha lwamasheya ezinkampanini ezinkulu zase-Afrika okubalwa kuzo iSweep South, Rensource, Andela neYoco.
Uthe lesi sivumelwano sisemqoka ngoba ngeke sizuzise yena kuphela kodwa sizohlomulisa nomphakathi obambe iqhaza emculweni kuleli. Izikhalo ngokuxhashazwa kwabaculi yinto athe izophenduka umlando njengoba ezokwenza isiqiniseko sokuthi izivumelwano zizoba neqiniso.
IGallo yinkampani ebigabe ngezingwazi zabaculi bakuleli eminyakeni eyedlule okubalwa kuzo iSoul Brothers, Mfazomnyama, Phuzekhemisi, Ladysmith Black Mambazo, Mahlathini and The Mahotella Queens, Lucky Dube nabanye. Yabuye yathengwa iLebashe eTiso Blackstar ngesamba sikaR75 million.
Ekhuluma ephephandabeni elinguzakwabo weSolezwe, iBusiness Report, usihlalo weLebashe, uTshepo Mahloele, uthe ukubambisana noBlack Coffee kuzobeka ibhizinisi lomculo wakuleli ezingeni lomhlaba.
UBlack Coffee nyakenye uke wasebenzisana nosomahlaya uKagiso Lediga, badidiyela ifilimu esihloko sithi Matwetwe, okuyifilimu eyenza isamba sikaR2 million kusaphele amasonto ayisishiyagalombili ikhonjiswe amabhayisikobho akuleli.