AWUKHO unyaka ophela ungenazindaba zawo. Nakulo nyaka kuningi okwenzekile nokwehlele osaziwayo abahlukene okubalwa abaculi, abalingisi nezikhulu zikahulumeni.
Unyaka uvulwe ngezindaba ezishaqisa kuvela amahlazo athinta osaziwayo abahlukene okubalwa nezethenjwa zomculo wokholo. Isilomo sowokholo uDumi Mkokstad kuvulwe ngaso unyaka sisolwa yintokazi yaseSipingo Hills uNomfundo Ngcobo (21) ngokumkhiphisa isisu. UNomfundo watshela Isolezwe ngeSonto ukuthi uDumi wamfica eyintombi nto walala naye kanti kuzohlala isisu. Le ntokazi yabe isisikhipha ngokusho kwayo ngoba ifakelwa ingcindezi yilo mculi. UDumi waziqhelalanisa nalezi zinsolo wakhetha nokungakhulumi ngazo.
DUMI MKOKSTAD
Ngaphandle kwakhe baningi nabanye osaziwayo abazithele ngehlazo okubalwa nesilomo somculo wekwaito uNomasonto “Mshoza” Maswanganyi wamangaza abaningi kusabalala izithombe zakhe esenyangeni yaseMevamhlophe, eMpangeni uThulani “Dr 3sec” Nkwanyana. Lokhu kwenzeka esikhathini esincane esanda kwaliwa emini kabha umyeni wakhe ongusomabhizinisi waseBergville.
Umsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu uphenyeke izinqa kuvela ukuthi omunye wamakhosikazi akhe akamenelisi enkonzweni yasekameleni futhi uyamshaya.
UNqobile “Floda” Mchunu ongumculi usanda kuveza nokuthi useyamala uNgizwe njengonkosikazi wakhe. Kuwona lo mkhakha wekwaito u-Arthur Mafokate naye uzigubuzele ngehlazo waze waphenduka ihlaya ezinkundleni zokuxhumana efuna ukuba inxusa emkhankasweni wokulwa nokuhlukunyezwa kwabefisazane i-#100MenMarch. Lokhu ukwenza nje usagqigqa enkantolo ngecala lokushaya obeyisithandwa sakhe uBusisiwe “Cici” Twala nokwenza wathola ukugxekwa kakhulu.
ARTHUR MOFOKATE
Intandokazi yomlingi uLillian Dube (73) umangaze abaningi edalula imfihlo yakhe yeminyaka ephathelene nezocansi. ULillian ezinyangeni ezedlule uveza unamathoyizi ocansi ayisikhombisa nokwenza abantu bangawuvala umlomo. Lo mlingisi kodwa wabuye wakuveza ukuthi lamathoyizi noma kwawokuzithokozisa ngokocansi kodwa akawasebenzisi wonke ngesikhathi futhi wayemandla kuwo ngesikhathi engakabi nomaqondana. Yena uqobo wabuye waveza ukuthi lokhu kucishe kwamlahlekisela ngomsebenzi enkampanini ayisebenzelayo.
Isihlabani sokholo uThinah Zungu ushaqise abaningi naye kuputshuka izithombe nentokazi avele eqabulana nayo ezithombeni yize kwaziwa ukuthi unengoduso yeminyaka. Lo mculi akazange aphumele obala achaze kabanzi ngalezi zithombe nokwenza abantu basala beshaya amakhala bemgxeka nasezinkundleni zokuxhumana. Umsakazo uKhozi FM nalo liphinde laba sematheni omunye wabasakazi bawo ebangwa osomabhizinsi. UZimiphi “Zimdollar” Biyela kuvele ihlazo ngenkathi elotsholwa usomabhizinisi uSbongeleni “Mfishimfishi” Dlamini weDlems Lifestyle kwase kuvela isoka lakhe lesibili uMzwandile Zondi weSiyajabula Driving School owayematasa nezinhlelo zokumlobola.
MALUSI Gigaba nezigigaba zakhe
Emuva kwazo zonke lezi zimanga kwavumbuka isigigaba sikalowo obengungqongqoshe woMnyango wezaseKhaya kuleli uMelusi Gigaba ekusabalale ivideo yakhe eziphulula isitho sangasese. UGigaba wazithethelela ngokuthi le video wayeyiqophe ngenhloso yokujabulisa umkakhe uNoma Gigaba owayengekho ekhaya naye ngalesi sikhathi.