AMACIKO ahlele umcimbi asophe ngawo ukulekelela umnikazi wendawo yobumnandi, Eyadini Lounge, uJabulani Zama odume ngelikaMjay ukuze afukule ibhizinisi lakhe okuthiwa kalenzi kahle kulezi zinsuku.
Lawa maciko asukumele phezulu ngemuva kokuvela kwesimo esingesihle sempilo sikaMjay.Kuvele ukuthi uyagula nje ivele ibisikhona imibiko yokuthi kazihambi kahle izinto Eyadini.
Ngesikhathi exoxa neSolezwe ngokugula kwakhe wathi uphethwe yi-gout eyamlalisa esibhedlela kodwa wacela abantu ukuthi behlise umoya ngoba uyalulama.
USenzo Shezi, osebenza noDJ Tira, ongomunye wabahlela umcimbi iWe Love Jigga Money, ohlelelwe ukuthi ube ngoJuni, 5, uveze ukuthi bafuna nokubonga uMjay ngegalelo lakhe empilweni yamaciko ahlukene amanye agcine esedume izwe lonke enandisa Eyadini..
“UMjay manje uyagula nendawo yakhe ayenzi kahle, ngakho sithi asenze lo mcimbi ngenjongo yokuthi imali yonke yawo siyishiye khona. Endaweni kaMjay bekuthi njalo kusukela ngoMsombuluko kuze kube yiSonto kube nemicimbi ehlukene lapho bekudlala khona oDJ abasafufusa abanye babo manje sebedumile nengingabala kubona uDJ Thukzini, Slander the DJ nabanye,” kusho uSenzo.
Uthe abakufunayo ngukujabulisa uMjay esaphila futhi nabo njengamaciko kubathusile ukungaphatheki kwakhe kahle empilweni.
“Siyanxusa kubantu baseMlaza ukuthi bafike kulo mcimbi bazojabula nathi. Siyazi ukuthi nabo kukhona abebekuzuza kuMjay njengoba ebebuyisela emphakathini. Sithi nje ngoR100 wabo abafike kulo mcimbi sizojabula nabo,” kusho uSenzo.
Izolo ngemuva kokuphuma kwalezi zindaba amaciko ahlukene aveze ukuthi azoba yingxenye yomcimbi.
UCassper Nyovest uveze ukuthi uzofika azonandisa ngoba uMjay waba wusizo kuyena ehlela umcimbi iFill Up Mabhida, nalapho ayebhekene khona nezinkinga ezithinta ipolitiki kuleli dolobha.
USenzo uthe amanye amaciko aseshilo ukuthi azoba khona kubalwa u-Okmalumkoolkat, DJ Tira, Dladla Mshunqis, DJ Thukzini.Uthe basalindele nabanye.
Ekhuluma neSolezwe uMjay uthe ujabule ngokwenziwe amaciko futhi uyabona ukuthi yikhona okuzomenza alulame ngokuphelele.
“IYadi ngelabantu vele ngakusho kudala lokho, ngiyabonga kuwona wonke umuntu ohlanganise umcimbi. Nawo amaciko ayangishayela ucingo athi azofika ngiyabonga kakhulu, sengivele ngalulama,” kusho uMjay ngamafuphi.