KUCISHE kwavalwa ngehlahla amaciko aKwaZulu-Natal ejuqwa yizisu futhi ephalaza emuva kokudla eLangeni Hotel, lapho abesingethe khona ingqungquthela yeCultural and Creative Industries Federation of SA (Ccifsa).
La maciko abelinganiselwa ku-23, okubalwa kuwo umculi uMondli Ngcobo, usomahlaya uDlungelwa, umlingisi uJoy Mbewana, Hallo M namanye, abegcwele esibhedlela i-Addington eSouth Beach, ngeSonto ebusuku.
Ngesikhathi leli phephandaba lifika khona ngabo-9 ebusuku abelokhu engena ngamanye kudokotela. Amanye abesaqhubeka nokuphalaza.
UT’zozo utshele leli phephandaba ukuthi badle ukudla nokuthe ngokuhamba kwesikhathi abanye baqaphela ukuthi kunezibungu.
“Ekuseni sidlile kwangaba nankinga. Emini sadla futhi ngabo-1 kanje sabona kunento engathi iyisilwane kwi-rice. Kuthe ngabo-5 abantu baqala bagula baphalaza,” kusho uT’zozo.
Umculi ophinde abe ngumdidiyeli uMondli Ngcobo uthe naye ujuqwa yisisu.
“Angizibonanga izimpethu. Uma i-rice libolile liyanuka kodwa leliya belinganuki. Ngiyezwa kukhulunywa ukuthi kungenzeka kube khona ofake okuthile ukuze ingqungquthela ingaqhubeki. Angiqondi kungani bengenza lokho. Angifuni nokukholwa ukuthi ihhotela lingasebenzisa ukudla okubolile,” kusho uMondli.
Umengameli weCCISFA, uTony Kgoroge, uthe uhambile wayokhuluma nabaphathi behhotela abavumile ukuthi kunezibungu ekudleni.
“Sithemba ukuthi konke kuzolunga. Lolu daba sizolubuyisela ehhotela ngoba umsebenzi wabo,” kusho uKgoroge.
Ingqungquthela bekungeyokukhetha amalungu azoya engqungqutheleni kazwelonke yokukhetha ubuholi obusha. Izoba ngoJulayi 28.
UKgoroge uthe bekudingidwa ngeziphakamiso isifundazwe esizoya nazo engqungqutheleni futhi iqhubekile ngoba abaningi bebekhona.
Okhulumela iTsogo Sun eyengamele i-Elangeni, uNeo Mboniswa, usiqinisekisile isigameko.
“Ukudla okuthintekayo kuthathiwe ngaleso sikhathi kwayohlolwa futhi kwasuswa.”
Uthe ihhotela lilandela imithetho eqinile yokuphepha ehlanganisa ukuhlolwa kokudla yizinkampani zangaphandle ukuze bezoqinisekisa ukuthi kuseqophelweni eliphezulu.
“Sithanda ukuqinisekisa izehambeli zethu ukuthi sizoqhubeka nokugcina izinga liphezulu,” kusho uNeo.