AMACIKO ezobhonga emswaneni kwaSir Bubzin, eChesterville, ubengelinye lamaciko, udlule emhlabeni ngoLwesihlanu ezintatha ngenxa yesifo somdlavuza wegazi Isithombe:SBONELO NGCOBO/ANA
ABEPHUME ngobuningi amaciko aseThekwini eyokhalisana nomndeni kaSir Bubzin oshone ngoLwesihlanu olwedlule, esibhedlela iKing Edward, eThekwini.

Iningi labaculi akande bekhona belikhala ngokudlula ngokuzuma kwalo phrojusa owaba nesandla ezingomeni okukhona eyakhe ethi Desha neyeBig Nuz ethi Inazo.

Umculi uBusiswa Gqulu, ubehluleka nokukhuluma njengoba esebenze noSir Bubzin isikhathi eside bengakadumi.

“Angazi nokuthi ngithini njengoba beke bangifonela ngesonto eledlule bengitshela ukuthi uyagula usesibhedlela kodwa umqondo wami wangitshela ukuthi usazolulama njengoba bese kunesikhathi engena ephuma esibhedlela,” kuchaza uBusiswa.

Uthe esakhula emkhakheni womculo usebenze kakhulu noSir Bubzin futhi ikusasa lakhe belibukeka liqhakazile emculweni. Onke amaciko aqale ahlangana endaweni yobumnandi eseChesterville, iMashaplanez nala ehlanganise khona umnikelo owuhambise emndenini.

UMdu Ngcobo weTouch Africa uthe uma kungaqhutshekwa kukhonjiswane uxhaso ezikhathini ezinjena amaciko angaya kude.

AMACIKO ezobhonga emswaneni kwaSir Bubzin, eChesterville, ubengelinye lamaciko, udlule emhlabeni ngoLwesihlanu ezintatha ngenxa yesifo somdlavuza wegazi Isithombe:SBONELO NGCOBO/ANA

“Iyajabulisa kakhulu le nto esiyibonayo amaciko kumele angalahlani ngezikhathi ezinzima,” kusho uMdu.

Amaciko akade ekhona kubalwa uMondli Ngcobo, Simphiwe Shembe, DJ Tira, Distruction Boyz, Danger, Naima Kay, Joocy, Bongs nabanye abaningi.

USir Bubzin uzovaleliswa ngenkonzo yesikhumbuzo ezoba kusasa ebandleni likaMfundisi Vusi Dube, i-ECC, eThekwini ngo-2 ntambama.

Umgncwabo uzoba elokishini iMemory, KwaDukuza, ngeSonto ngo-8 ekuseni.