SEKUQUBUKE indida ngoDawn Thandeka King odlala indawo kaMazet kwiLockdown, kuMzansi Magic oveze ukuthi useyashiya kulo mdlalo kodwa uphrojusa womdlalo wangena ezintangeni.
UDawn uvalelise kubabukeli beLockdown kuleli sonto ngokubhala kuTwitter ukuthi useyashiya futhi ubonga ukwesekwa ngabantu ngendawo abeyidlala kusuka kwisizini yokuqala yomdlalo. Lokhu ukusho ngemuva kwesiqephu sangoMsombuluko okungacacanga kusona ukuthi ushonile yini, njengoba umdlalo uphele edutshulwa.
Yize esho kanje kodwa uphrojusa weLockdown uMandla N, uthe abantu abaqhubeke nokubuka iLockdown njengoba isisalelwe yiziqephu ezine futhi ngeke akuqinisekise ukuthi akasezobakhona uDawn kuyona.
“Engingakusho nje ukuthi uMazet (Dawn Thandeka King) uyinsimbi kayigobi futhi ngisazosebenza naye kwiLockdown. Kungenzeka ukuthi avuke eseyisipoki noma kwenzeke okunye okuzomgcina ekhona kwiLockdown. Ngonyaka ozayo ngabo-Ephreli, iLockdown izobuya ngesizini yesine.
"Kuningi okusazokwenzeka kuyona, abantu abalindele futhi sisazosebenza noDawn,” kusho uMandla N.
Imizamo yokuthola uDawn ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belulokhu luvaliwe.
Okhulumela uMzansi Magic, uBongi Potelwa-Metsing uthe abakwazi ukudalula okusazokwenzeka ngesiqephu esilandelayo ngendawo kaMazet.
“Ngebhadi ababukeli kumele baqhubeke nokubuka isiqephu esilandelayo ukubona ukuthi ubani osindile ngesikhathi kudutshulwa uMazet noMaki (Linda Sebezo). Uma singaveza ikusasa labalingisi kulo mdlalo sizolimaza isiqephu esilandelayo. Umdlalo uba mnandi ngokuthi ushiye ababukeli bemangele futhi besafuna ukwazi ukuthi kuzogcina kwenzekeni. Ngicela silinde isiqephu sangoMsombuluko (kusasa) ukuze sibone okuzokwenzeka,” kusho uBongi.