BAFIHLE induku emqubeni ngekusasa likaZweli Msibi kwiSibaya kulo mdlalo njengoba kungacaci ukuthi indawo ayidlalayo iphelile noma cha.
UZweli udlala indawo kakhokhovula wenyanga-mthakathi uSunday Nkabinde kulo mdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.
Isiqephu sangoLwesihlanu sishiye abantu bebuzana ngoSunday njengoba umdlalo uphele esha norawondi. Abantu bakwaZungu nabakwaNdlovu bebethungatha indodana kaThandeka (Nomzamo Mbatha) noSbu (Sdumo Mtshali) eyathathwa uSunday. Bathe bangayithola uMpiyakhe (Siyabonga Thwala) wabe esishisa indlu baphuma bahamba. Umdlalo uphele uSunday ekhala esha ngaphakathi.
Okhulumela iMzansi Magic uBongi Potelwa-Metsing, uthe ngeke badalule ukuthi kuzokwenzekani. Uthe abantu abaqhubeke nokubuka umdlalo.
UZweli utshele leli phephandaba ukuthi abantu abangakhathazeki ngoba uSunday “umafa avuke”.
“Abantu bakhathazekile bayaphikisana. Abanye bathi kuhle ngoba ufile abanye bathi umdlalo uzobhora. USunday unokuvumbuka. Bangakhathazeki mhlawumbe uzovuka, bangasabi,” kusho uZweli.
Uthe uyabonga ngokwesekwa ngabantu nokuthanda indawo ayilingisayo.
Umthombo weSolezwe ongaphakathi kulo mdlalo uveze ukuthi kuthulekile ngalo mlingisi.
“Akekho okhuluma ngaye ngoba akuveli ukuthi indawo yakhe iphelile noma cha. Impilo iyaqhubeka kwabanye abalingisi emdlalweni kodwa angazi noma uzoba yisipoki noma cha ngoba uMehlemamba uzolokhu emphupha emtshela ukuthi uyindodana yakhe,” kusho umthombo ongavumelekile ukukhuluma nabezindaba.