AKUCACI noma usazobuya noma cha kwiThe Queen, uDiamond owafika nyakenye washubisa.
UDiamond, ongumlingiswa kaZolisa Xaluva, unyamalale ngemuva kokuthumba uThato (Xolani Mayekiso). Iphoyisa uJerry Maake (Shona Ferguson) wabathola kodwa uDiamond washiya uThato waphulukundlela.
UDiamond uyisigebengu esisanda kuphuma ejele. Ungumfowabo kaGoldfinger, owabulawa.
Kusukela lapho akaphindanga wabonakala nokuyinto eshiye ababukeli bebuzana ukuthi uzobuya nini. Nasezinkundleni zokuxhumana kusakhulunywa ngaye, abanye bathi sekuyisikhathi sokuthi abuye.
Okhulumela iMzansi Magic, uBongi Potelwa-Metsing, uthe umdlalo manje usagxile kwabanye abalingisi.
“Uma ubheka kahle uzobona ukuthi sekukhulunywa ngabanye abalingisi manje. Kodwa uzoqaphela ukuthi igama lakhe basakhuluma ngalo. Ngakho ngeke ngikwazi ukusho ukuthi usekhona noma akasekho,” kusho uBongi.
Ngokwamazwibela okuzokwenzeka emdlalweni ngoFebhuwari igama likaDiamond alibonwa nangokhalo.
Kunalokho umdlalo uzogxila kakhulu kumlingisi omusha osanda kufika uMotsoaledi
Setumo olingisa indawo kaMmabatho oyisihlobo sakwaMabuza.
UMmabatho ufike emdlalweni ehamba emgwaqweni wahlaselwa yizigebengu zamphuca isikhwama. Ulanyulelwe nguShaka (SK Khoza) ogcine ngokuthi agwazwe. UMmabatho, oyithwasa likadokotela, uyamelapha bese eyamshayelela amgodukise. Baqala lapho ukusondelana.
Kuvela ukuthi uMmabatho noShaka bazothandana nokuyinto imindeni yabo bobabili engahambisani nayo. Kuzokhumbuleka ukuthi kunobutha phakathi kwemindeni yabo bobabili. Muva nje umndeni wakwaMabuza usanda kuzama ukubulala uKagiso Khoza (Loyiso McDonald) ngemuva kokuthola ukuthi wabulala uGoldfinger.