UMREPHA wesifazane uNadia Nakai uthe abaculi abaningi abasafufusa bagijimela udumo kuqala ngaphambi kokwenza ngcono umsebenzi wabo.
UNadia uzakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzo ethi Money Back, Naaa Meaan nezinye eziningi.
“Uma ungumculi kumele ukhule ukuze uthuthuke ngesikhathi. Ungasheshi ukujaha udumo oluzosheshe lushabalale,” kusho uNadia.
UNadia (30) ulungiselela ukukhipha i-albhamu yakhe yokuqala iNadia Naked. Eminyakeni eyedlule ubelokhu ekhipha izingoma ezihamba ngazodwa kanti ngo-2016 ukhiphe i-EP enezingoma ezinhlanu ethi Bragga.
“Njengoba ngithathe isikhathi eside kangaka nje ukukhipha i-albhamu yingoba bengifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi umculo wami useqophelweni eliphezulu. Ngisebenze nabaculi abaningi ngethemba lokuthi ushaye emhloleni,” kusho uNadia.
Kwi-albhamu ezophuma ngoJuni 28 upike abaculi okubalwa kubo umphathi wakhe uCassper Nyovest, Khuli Chana, Tshego, Lady Zamar, Kwesta, Ycee, Steff London noKwesta.
“Ngivulela abantu isifuba ukuthi bangazi kangcono. Kuningi abakukhulumayo ngami nemibuzo abanayo ezophenduleka. Sengikhule kakhulu ngokomculo futhi ngenza umculo abantu abangawulindele kimi. Ngihlanganise kakhulu nesigqi sase-Afrika. Ngifuna abalandeli bami bathole umculo okhuluma nabo,” kuchaza uNadia.
Abantu sebengaqala befake ama-oda ku-iTunes eNadia Naked abazothola kuyo izingoma ezintathu i-Imma Boss,Yass Bitch neNaaa Meaan.