IZILOMO zomculo kamaskandi, Igcokama Elisha noKhuzani Mpungose, zifihlelwe induku emqubeni yiqembu elisengamavukana emculweni kamaskandi emcimbini wodumo iMpucuzeko kaMaskandi Festival eseThekwini namhlanje.
Leli qembu elidlondlobala ngesivinini, Udidi Olumashoba, liyafunga liyagomela ukuthi yilo elizodla umhlanganiso emkhakheni wabaculi abazotheleka nezinkumbi zabalandeli.
Le ndumezulu yomcimbi inamhlanje enkundleni iMoses Mabhida kusukela ngo-10 ekuseni.
Umphathi woDidi Olumashoba, uSakhile Ngema, uthe kuzobe kukhonya umbala weqembu lakhe o-navy inkundla yonke.
“Iningi labaculi lizobuyela emakhaya liphoxekile ngoba sizonqoba.
"UKhuzani usazi kahle futhi usibonile emcimbini wakhe.
"Sizobe sitheleke ngenqwaba yezimoto ezinhlobonhlobo ezizobe zibhalwe igama leqembu lethu,” kusho uSakhile.
Yize uSakhile ekhuluma kanje kodwa amehlo abalandeli bakamskandi athe njo kuKhuzani, Igcokama Elisha, Osaziwayo, Ezechalaha naMageza Amahle.
Ngaphandle kokuqhudelana kwabalandeli ngomswenko, esinye isigaba esibhekwe kakhulu ngesomculi ozoba wumpetha ekudlaleni bukhoma izinsimbi.
Kulo munxa kuboshelwe izinkunzi zodwa okubalwa kuzo oShwi Nomtekhala, Thokozani Langa, Khuzani, Igcokama Elisha, Amageza Amahle, Qhoshangokwenzakwakhe, Osaziwayo, Imfezemnyama, Jaiva Zimnike, Dlubheke, AmaSAP, Njoko, Mdumazi, Ichwane Lebhaca, Inyonemhlophe nabanye.
Yize kuqhathwe omakadebona abazodlala bukhoma kodwa abaningi baqagula ukuthi umncintiswano uphakathi kukaDlubheke naMageza Amahle ngenxa yamava asebenawo.
Kulo nyaka kuzobuye kukhethwe ukuthi ngubani ingqongqo yasesteji phakathi kukaMkhathazi, Bahubhe, Sgwebo Sentambo naBafana BaseMawosi.
Kuzoze kuse emnyango abaculi besina bededelana. Kwabazobe bephelezelwa yizinsimbi zeCD kubalwa Izingane Zoma, AmaYellow Bone, Dr Buselaphi, Ithwasa Lekhansela, Umzukulu, Dumakahle, Falabo, Majotha, Mfana Wepiki, Gadla, Cevuzile, Ithwasa Lendidane, Ischomane Sasophongolo, Inkosi Yamagcokama, Skweletu, Abafana BakaMgqumeni, Qalindaba, Oshodo, Mjikijeli, Izelamani, Othanduxolo noSkele Mbhele.
Kubaphathi bohlelo kuboshelwe izilomo zoKhozi FM uTshatha Ngobe noZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela.