YIZE eyinhlekisa ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yokugconwa kakhulu ohlelweni lwamahlaya, iRoast of Khanyi Mbau, obeludlala ngoMsombuluko, kodwa uthi akangabazi ukuthi useyaziwa kakhulu endimeni yobumnandi umsakazi woKhozi FM, uSelbyonce Mkhize.
USelby noNadia Nakai ongumculi wehip-hop yibo abatinyelwe kakhulu ohlelweni obekuhloswe ngalo ukuthi kugconwe uKhanyi Mbau.
Lolu hlelo belukhonjiswa esiteshini sethelevishini samahlaya, iComedy Central (DStv 122).
Kulo bekunohlu losaziwayo abebezokwenza amahlaya ngempilo kaKhanyi.
USelby osaziwayo abaningi bebemgcona ngokuthi akaziwa futhi kabaqondi ukuthi ube yingxenye yalolu hlelo kanjani.
Ekhuluma neSolezwe uthe, ujabule njengoba ezibona esefike lapho ayefisa khona emsebenzini wakhe.
“Igama lami lihamba phambili manje enkundleni iTwitter kubuzwana ngami. Kukhulunywa ngendlela abanye osaziwayo abangigcone ngayo kulolu hlelo. Akukho lapho ngingathi ngiphatheke kabi khona njengoba konke obekushiwo bekudlalwa futhi bese kunesikhathi sahlangana sonke bese sikuhleka nje okwenzeke ohlelweni,” kusho uSelby.
Uthe ngesikhathi evuma ukuba yingxenye yalolu hlelo wayazi ukuthi uzobhekana nani futhi wavuma ngamabomu.
“Ngesikhathi ngithola indondo kumaDStv Viewers Choice Awards, ngabona ukuthi ukuze igama lami libe kubantu, kumele ngamukele konke okuza kumina. Ngiyabonga kakhulu kuKhanyi ngaleli thuba nakuwo wonke umuntu obe yingxenye yalo,” kuchaza yena.
Abantu bakuleli bakhale ngokuthi osaziwayo okukhona kubo uSol Phenduka, Celeste Ntuli, Tbo Touch nabanye abakhethwe ukuba bagcone uKhanyi bebengashayi khona.
Umphathi wohlelo usomahlaya uMpho Popps ushayelwe ihlombe ngokuphatha lolu hlelo ngobuchule ngoba ubengazibekile phansi ehlekisa ngosaziwayo.