AKAZISOLI nakancane umculi wokholo ngokuyocula ebandleni ebelinomfundisi okusanda kusabalala i-video evusa owesilisa ekufeni.
UThinah Zungu osanda kuchashwa ngezinhlamba abalandeli bakhe kuFacebook kulandela ukubonakala esikhangisweni sase-East London enoMfundisi u-Alph Lukau, uthi umangele ethukwa ekubeni ubengaqashiwe yilo mfundisi.
NgeSonto eledlule uThinah ubecula ebandleni likaMfundisi Jay Israel lapho bekumenywe khona noLukau nokuthukuthelise abalandeli bakhe, bathembisa ukulahla umculo wakhe.
Lokhu kuzwelile kakhulu kuThinah waze waqopha ivideo exolisa kubalandeli ngesenzo sakhe. Yize kunjalo utshele leli phephandaba ukuthi waqashwa phakathi noFebhuwari kungakaqubuki nomsindo nge-video kaLukau.
Uthi akasiboni isidingo sokugxekwa kangaka.
“Ngeke ngikwazi ukukhetha amabandla nabefundisi ngoba yilapho ngithola khona ukwesekwa nokuqashwa. Abaculi bokholo abaningi bangakutshela, thina sixhaswa amabandla ngokusiqasha ezinkonzweni zawo. Akulula ukuthi ngithi kunabefundisi engizobakhetha noma engizonqaba kubo uma bengiqasha njengomculi. Nabantu babuye basicindezele ngoba sizogcina singasebenzi uma sebezosikhethela ukuthi sicule kuphi,” kusho uThinah.
Uqhube wathi izinto eziningi ezikhulunywa abantu kuFacebook, usefunde ukungazilaleli zonke ngoba akubona bonke abasuke begxeka. Mayelana noLukau nemigilingwane yakhe uveze ukuthi akakaze ayenze phambi kwakhe futhi yena njengomuntu ongakaze ambone ngamehlo eyenza ngeke athi uyamkholwa noma ukholelwa kuye.
“Akulula ukuthi ngiphendule ngezimangaliso zakhe ngoba ngisuke ngingekho ezenza. Ngiyafisa ukukucacisa ukuthi bengingamenywanga uLukau, naye ubemenyiwe ngoba umnikazi webandla uyindodana yakhe ngokwenkolo,” kusho uThinah.