ASIZIMISELE ngokuzinza embonini yomculo isilomo somculi wase-Afrotainment esihamba phambili kulezi zinsuku emculweni.
UDladla Mshunqisi (29) waKwaMashu kodwa osezinze eDurban North, uthi akazimisele nakancane ukuba umculi ophuphile nozokhonjwa ngesiphongo eminyakeni ezayo uma izinto zingasahambi kahle.
UMshunqisi ukhuluma nje konke sekumi ngomumo ngendawo yokudla ezodayisa ukudla azoyethula maduze nje, okuyibhizinisi athi uzogxila kakhulu kulona.
“Ngizalwa ekhaya lebhizinisi, yinto engikhuliswe ngayo. Nami ngikhule nginezinhlelo zami, yingakho ngavula nenkampani yokupheka ngo-2011. Umculo umnandi kodwa akuyona into ongagxila kuyona kuphela. Yingakho kulo nyaka ngizofeza iphupho lami leminyaka ngivule indawo yokudla. Ngisebenzile manje sengiyabona kungenzeka,” kusho uMshunqisi.
Ngonyaka odlule umangaze abaningi ethenga unyanyavu lweMercedes GLE 43. Le moto uthi enye yezinto ayezibekele zona empilweni, yingakho ngesikhathi eqala ukwenza imali wacabanga yona.
“Abantu uma ngisemsebenzini babona umuntu obukeka ethanda ubumnandi ongenandaba nempilo. Kodwa ekhaya angikhuliswanga kanjalo ngiyayibeka imali ngiyihlelele,” kusho yena.
Uma ukhuluma naye uMshunqisi kwenza ingxoxo ibe lula ngoba uzwakala ekhululekile futhi ewumuntu onothando. Kukhona konke akushoyo akaqedi engaliphathanga igama likaNkulunkulu.
“Ngingumntwana kaNkulunkulu ngikhonza KwaMashu Christian Centre. Umculo akuyona into engiyibeke phambili kodwa uNkulunkulu ungiphakamisa ngawo. Nabantu engisebenza nabo bayazi ukuthi siqala ngokuthandaza ngaphambi kokuyosebenza,” kusho yena.
Njengabo bonke abantu besilisa naye uthi ngelinye ilanga uyafisa ukushadelwa.
“Ngisahleli ngilinde uNkulunkulu ngoba ngifundile ukuthi kuyalindwa izinto zenzeke ngesikhathi esifanele. Ngiyafisa ukushadelwa ngibe nezingane ngelinye ilanga, angikhethile noma angaba mubi abe yisidudla. Engikufunayo nje wukuthi kube wumuntu onenhliziyo enhle, enothando futhi obathandayo nabantu. Angiyena vele umuntu wama-slay queens ngoba angamavila. Ngisho nabangani bami ngihlala ngibatshela ukuthi bazongagani uma beqhubeka nobuvila kanje,” kusho uMshunqisi.
Eqhuba uthe indaba yabantu abamfakela ingcindezi ngesisindo sakhe somzimba akayingeni eyabo.
“Abantu abafani, kukhona abazohlala begxeka. Ngazitshela kudala ukuthi nanoma yini embi engiyizwayo ngami ngeke ingihlukumeze. Anginankinga, angiguli akukho okungikhathazayo, ngeke ngenze into engingakazimiseli ngayo,” kusho uMshunqisi efaka amancoko.
Mayelana nokuklabalasa kwakhe, uthi abamgxekayo bafana nse nolamula abantu abathi umuncu kodwa bebe bewudla bephindelela.
“UMshunqo ufikile uthandwa ngisho izalukazi. Nabantu bathi bekhononda kodwa bebe bezithanda izingoma zami bezidansela. Ngicabanga ukuthi yingoba bebengakawujwayeli,” kusho uMshunqisi eqhuma yinsini.
Uma engekho matasa nomsebenzi ukhonze ukuba nomndeni wakhe.
Uthi alipheli isonto engayanga ekhaya. Ukulula isandla emphakathini wangakubo ezinye zezinto athi ufisa ukuhlala ezenza.
Kuzokhumbuleka ukuthi uke wagubha usuku lokuzalwa khona waphinde wayojabulisa izaguga ekhaya labadala kule ndawo.
Ephetha uthe ukusebenza ngokuba-mbisana noDJ Tira nakho kumenze umuntu.