‘NGINGAMANE ngingayilingisi indawo ethi angiphuze utshwala njengoba nezikhangiso zotshwala ngingeke ngikwazi ukuzenza.”
Lawa amazwi ashiwo uMuzi Mthabela (41), olingisa indawo kaDuma emdlalweni wethelevishini Isibaya.
“Kumele intsha ebukela kumina futhi engithandayo ifunde izinto ezinhle kumina njengomlingisi.
Kumele yazi ukuthi ngiwumuntu ohloniphayo futhi ongabuthandi utshwala njengoba bungezinye zezinto eziwumbulalazwe,” kusho uMuzi.
UMuzi ongomunye wabalingisi bokuqala emdlalweni Isibaya, uthi uzalelwe eShowe, wakhulela eMandeni naseClermont.
Ekulingiseni uthi ungene ngemuva kokusebenza isikhathi eside ezinhlelweni ezehlukene nemidlalo ehlukene eyayikhonjiswa kwithelevishini.
“Ngisebenze ezinhlelweni okukhona kuzo iZola7, Zone 14, Gaz’lam, Usindiso, Tempy Pushas, Rolling with Zola, Rolling with Kelly, Mina Nawe nezinye. Bengisethimbeni elibheka isiqephu ngasinye ukuthi sesikulungele yini ukukhonjiswa emoyeni. Ngathi ngiwenza lo msebenzi ngabona ukuthi nakanjani ngingawenza yize ekukhuleni kwami ngangifuna ukuba umfundisi,” kuchaza uMuzi.
Uthe ebona ukuthi ukuba wumfundisi akuyona into angayenza impilo yakhe yonke, wakhetha ukuya kwinhlolokhono yokungena emdlalweni Isibaya.
“Yize abantu bengibona ngezindlela ezihlukene ngenxa yomlingiswa oyinkabi futhi oyisigebengu abanye baphinde bathi ngingumuntu ongathi uyathula ngenxa yendawo abangazi kuyo. Ngingabatshela ngaphandle kokunanaza ukuthi ngiphaphile futhi ngiwumuntu ozikhululekele oxoxayo nje,” kuchaza uMuzi.
Uthe endimeni yokulingisa akuyo usafuna ukulingisa izindawo ezihluke kakhulu kule kaDuma abantu abamjwayele kuyo.
“Kukhona into engisafuna ukuyixoxela abantu baseMzansi. Uyabona uma sikhula, sonke sisuke sinezindaba esifuna ukuthi abantu bazazi. Ngakho nami njengoba ngithi ekulingiseni kusekude phambili, kuningi engisafuna ukukutshela abantu,” kusho uMuzi.
Uthe yena akayena umuntu ovele athathe noma iyiphi indawo azoyilingisa njengoba eyikholwa.
“Emdlalweni Isibaya kuyaziwa ukuthi noma nginezinkinga ezinjani ababhali ngeke baze balenze iphutha lokuthi ngilingise notshwala yingakho njalo ngibonakala ngiphuza itiye. Ngokunjalo nezinto ezithinta impepho ngiyazibhekisisa ukuthi zizohamba kanjani futhi kugcinephi. Njalo uma ngithola indawo ekulingiseni ngiyabheka ukuthi lo muntu engizomlingisa unjani futhi uzodlula ezinkingeni ezinjani bese ngiyayithatha indawo,” kuchaza yena.
Uthe yena usindisiwe ukhonza ebandleni, iGrace Bible Church, eGoli.
Ebuzwa ukuthi kulezi zinsuku kulo mdlalo abalandeli bawo bangalindelani njengoba kufufusa impi ngobukhosi bakwaNgubane, uthe luyeza lukhulu luyanyelela.
“UDabula noNgwebedla kuyabonakala ukuthi ubudlelwane babo buqinile. Kodwa uDuma kuzoba khona isikhathi lapho esekhathele khona yindlela abamphethe ngayo okuyilapho izinto zizoshuba khona. Abantu bazozijabulela kakhulu lezi ziqephu ezilandelayo njengoba uDabula efike nezinkinga,” kuchaza uMuzi.
Uthe uganiwe futhi uthanda ukuzikhipha nomndeni wakhe isikhathi esiningi.
“Umndeni wami ubalulekile uhamba phambili ngezikhathi zonke. Nginabo abangani kodwa akubona abantu engikhonze ukuthi ngihlale nabo,” kuchaza uMuzi.
Uma kuziwa ngasebhodweni uthe, akalikhonzile ngenxa yokuthi wapheka kakhulu engakaganwa okwathi uma eseshadelwe washiyela konke enkosikazini yakhe.
Uthe uyazifela ngobhontshisi nojeqe.
Uma kuziwa emculeni uthe uthanda i-jazz nowokholo.