UGCINE enikwe inkundla iMoses Mabhida wuMasipala weTheku uCassper Nyovest ozobe enomcimbi iFillUpMoses-Mabhida Stadium kusasa
UGCINE ethole inkundla iMoses Mabhida kuphela kuMasipala weTheku, umrepha wakuleli uCassper Nyovest okuzothi kusasa abe nedili lomculo elaziwa ngeFillUpMosesMabhidaStadium.

Lokhu kuvezwe uPhillip Sithole, oyisikhulu kulo masipala.

UPhillip uthe, uMasipala ugcine umnike inkundla kuphela ngemuva kwemibiko athi kayilona iqiniso.

“Sobe sikhona emcimbini kaCassper njengoba konke kugcine kufinyelele emaphethelweni. Akukho mali ephumile, inkundla kuphela esigcine sivumelene ngayo. Leso sinqumo sasithatha ngemuva komhlangano ayenawo nezinhlangano zamaCiko kulesi sifundazwe,” kuchaza uPhillip ngamafuphi.

Kubikwe izikhathi ezimbalwa ngamahebezi akade evela okuthi umcimbi kaCassper uxhaswe ngo-R56 million.

UMasipala naye uCassper bawakhahlela ngazo zombili lamahebezi bathi akaze bathembisane le mali.

Kwaphinde kwavela ukuthi uthole uR40 million, nawo owagcina uMasipala uwuphikile, wakubeka kwacaca ukuthi ayikho imali abasavumelene ngayo nalo mculi.

Izinhlangano zamaCiko okukhona kuzo iCultural and Creative Industry Federation of South Africa, Creative Workers Union of SA, Amadelangokubona Business Forum nezinye zaveza ukuthi ziyawuxhasa umcimbi kaCassper kodwa zifuna u-30%, emalini azoyithola.

Zona lezi zinhlangano zaveza ukuthi uma kugcina ngokuthi uCassper akayitholi imali yoxhaso kuMasipala ngeke baze bawufune u-30%.

Isolezwe liphinde lathola ukuthi inhlangano iDelangokubona ifune uR600 000, ngemuva kokuzwa ukuthi usenikwe inkundla.

UBhamuza Mnyandu weDelangokubon ukuphikile lokhu.