Ezokungcebeleka

Akasayazi indoda inqunu usaziwayo

Mbali Khanyile|Published

NONKU Williams Isithombe: INSTAGRAM

USAZIWAYO ozakhele udumo ohlelweni olukhuluma ngempilo yabesifazane abasohlelweni lweReal Housewives of Durban (Rhod), uthi ugubha unyaka engayazi indoda njengoba athatha isinqumo sokushiya phansi umjolo.

UNonku Williams ungusaziwayo obonakala kwiRhod) ebikhonjiswa kwiShowmax.

Le ntokazi iveze lokhu engxoxweni ebe nayo nentatheli yeSolezwe ngeSonto.

Ithe isinqumo sayo siyisondeze kuMdali, oyenzela izimangaliso empilweni yayo.

"Sekuwunyaka ngingajoli futhi ngingahlangani nomuntu wesilisa. Ngiyaziqhenya ngalesi sinqumo futhi sengizuze okuningi ngaso.

Ukusondelana noNkulunkulu yikhona okungiphe amandla okufinyelela kuleli zinga," kusho uNonku.

NONKU Williams Isithombe: INSTAGRAM

Eqhuba uthe bayambuza abantu ukuthi wenza kanjani njengoba eyintokazi eyisingqazu kodwa abatshele ukuthi yisinqumo asithatha futhi ahlose ukuthi asihloniphe.

"Mina ngiwumuntu wesifazane othandayo ukugqugquzela abanye. Kukho konke engikwenzayo ngiyazama ukuthi bakhuthazeke futhi babukele nakimi ukuthi konke kuyenzeka, uma uzinikela kokwenzayo. Ngalokho angisho ukuthi eyami impilo ingcono kakhulu kuneyabanye abantu," kusho uNonku.

Ebuzwa ngamahlebezi omjolo wakhe nomethuli wemidlalo kwiSABC, uRobert Marawa, uthe uyakweshwama ukuthi uthandana noRobert.

"Sinobudlelwano obuhle kakhulu noRobert kodwa asikaze nhlobo sibe yizithandani. Ngimkhonzile kakhulu futhi usefana nomuntu ongumfowethu," kubeka intokazi.

Uthe ngendlela ematasa ngayo empilweni, izindaba ezingayisi phambili akazixaki nhlobo ngokugxila kuzo.

Ukusho lokhu ngemuva kokuthi ecacise ukuthi abukaze bube khona nhlobo ubudlelwano phakathi kwakhe noMabusi Seme, obekwiRhod.

"Njalo ngoLwesibili ngiyapheka, bese ngihambisela abantu abakhahlanyezwa yizikhukhula ukudla ehholo abagcinwe kulo eMbo, eHillcrest. Ukubona abantu bexakeke ngaleya ndlela kungiphatha kabuhlungu. Yingakho ngithathe isinqumo sokuthi kube khona enginikela ngakho kubona," kusho uNonku.

Ephetha uthe iwayini lakhe, i-Ashes 2 Beauty Winery elaphenduka inhlekisa kubabukeli beRhod ngenxa yokungahleleki kahle komcimbi wokwethulwa kwalo, ligila ezibukwayo njengoba lidayisa ubuthaphuthaphu.