UNOHLANHLA “Mdonso” Ngcobo omenyezelwe njengomunye wabasakazi abazoshayela uhlelo uSgiya Ngengoma emsakazweni Ukhozi FM, useveze ukuthi akalona ivukane ekwethuleni umaskandi.
Le ntokazi ezalelwe eNkandla esigodini saKwaNxamalala iqede * -matric ngo-2006, eMpande High, eShowe izokwethula lolu hlelo oluqukethe ezithinta umaskandi, kusuka ngoMgqibelo ozayo, Ephreli 7, ngokubambisana noZimdollar Biyela.
Ekhuluma neSolezwe uMdonso uthe, ukusakaza wakuqala ngo-2009, emsakazweni womphakathi iZululand FM, enza uhlelo oluthi Ivume Wethu aze ahamba esalubambile. “Ngonyaka ozayo ngizobe ngihlanganisa iminyaka eyishumi ngaqala ukusakaza kodwa okubalulekile ukuthi bengisakaza uhlelo lukamaskandi njengoba kuyinto engiyithandayo futhi engiyiphilayo. Ngibonga kakhulu kuziphathimandla zoKhozi ngokunginika lengqayizivele yethuba okudala ngilifisa.
Ngikulindele ukugxekwa, kodwa ngethemba ukuthi bazongigxeka ngokwakha,” kusho uMdonso.
Uthe njengoba eseza kulo msakazo ngeke ayishintshe indlela akade esakaza ngayo kodwa kunalokho uzonyusa amasokisi ukuze umsebenzi wakhe uhlale uncomeka.
“Ngimjwayele uZimdollar njengoba bekuba umuntu engihlangana naye ezindaweni ezahlukene, sixoxe ngawo umsakazo. Ngizimisele ukufika nezinto ezintsha ezizokwenza uhlelo luthandwe abaningi futhi balujabulele usuku nosuku uma luzongena,” kusho uMdonso.
Uthe ukusakaza wakuthanda emncane njengoba ekhaya kubo wayeke ababize abasakazele nokwagcina kuba umkhakha akhulayo kuwo.
“Ngeke baze baphoxeke abalaleli boKhozi, ubumnandi ohlelweni nengoma yinto abazohlala beyizwa futhi beyijabulela njalo kuSgiya Ngengoma,” kuchaza uMdonso.
UMdonso uveze ukuthi ukusakaza wakufundela eGoli eNemisa naseSentech Radio Production Company. Akathandanga ukuphawula ngezobugdlelwano bezothando, uthe angathanda abantu bamazi kakhulu ngezinto ezinhle azenza ohlelweni.