INTOKAZI yaseTugela Ferry, uSimphiwe Nhlangulela edume ngelikaSimmy, iseveze ukuthi ngeke ize iphele amandla ngokungatholi neyodwa indondo emcimbini wamaSouth African Music Awards (SAMA), ngoMgqibelo ebusuku.
Lo mcimbi ubuseSun City, eNorth West, kuwo abaculi abaningi behlonishwe ngegagelo labo emculweni.
USimmy ubeqokwe emunxeni weNewcomer of the Year neBest Afro Pop.
Ekhuluma neSolezwe uthe lusekude ukhalo njengoba yena azi ukuthi ngelinye ilanga uyohlonishwa emicimbini efana nalena.
“Angiphathekile kabi okwangempela njengoba bengiqala ukuqokwa emcimbini ofana nalona. Ngiyababongela bonke ozakwethu abathole izindondo kulo mcimbi basebenze kanzima bonke, nami olwami usuku luyeza,” kusho uSimmy.
Uthe ukuqokwa kwakhe kulo mcimbi kumkhombisile ukuthi abantu bazithandile izingoma zakhe azakhele ngazo igama endimeni yomculo.
“Izingoma zami abantu bazithande kakhulu, nalokho okube ngenye yezinto ezingenze ngaziqhenya. Kuningi okusamele ngikwenze ukuze umsebenzi wami ungashabalali kodwa ube muhle kunalokhu oyikhona manje,” kuchaza yena.
Ezinkundleni zokuxhumana kube nezikhalo uSimmy noMlindo the Vocalist bebuya belambatha njengoba bengatholanga neyodwa indondo.
Kodwa uSjava usule izinyembezi zabaningi njengoba ekhale wemuka nendondo ye-Album of the Year neyeBest Pop Album (African).
Abanye bakhale ngokuthi uSjava indondo yeSong of the Year ethathwe uHolly Rey bekumele itholwe nguyena.
Kodwa le nsizwa yaseBergville kucacele abaningi ukuthi izithokozele izindondo ezitholile.
USho Madjozi naye uhambe ehleka yedwa kulo mcimbi njengoba ekhale wemuka nendondo yeBest Female neyeBest Newcomer.
Kulo mcimbi kubuye kwahlonishwa abaculi okukhona kubo uHHP, indondo yakhe eyamukelwe indodana yakhe uLeano, iqembu iTKzee neMango Groove.
Umcimbi walo nyaka ubungahlukile kweminye njengoba izinga lawo lilokhu liqhubekile nokwehla.
Kuwona kunandise abaculi okukhona kubo iBongo Maffin, Ntokozo Mbambo, Rebecca Malope, Thebe nabanye.
Uhlelo beluphethwe wuNomzamo Mbatha, Mpho Popps, Melanie Bala, Bob Mabena, Khuli Chana noThwasa.