WEHLULEKILE wukuthola incwadi evimbela uBeyoncé ukuba asondele kuyena owesifazane omsola ngokuthakatha.
UKimberly Thompson owayengumshayi wezigubhu ebhendini kaBeyoncé akafikanga enkantolo ukuzozwa isinqumo senkantolo ngesicelo sakhe, ubemelwe ngummeli wakhe.
Emaphepheni asenkantolo uThompson waveza ukuthi isizathu sokufaka isicelo sokuvimbela uBeyoncé, yingoba lo mculi wabulala ikati lakhe.
Waqhuba wasola uBeyoncé ngokuba ngumthakathi onamandla ayisimanga nawathola ngokubulala umangobe wakhe. Wadalula nokuthi uBeyoncé ubecuphe iselula yakhe elalela zonke izindaba zakhe aphinde alawule nezezimali zakhe.
Selokhu kwaqala lo msindo uBeyoncé akakaze aziphendulele kulezi zinsolo kanti akakaze alubhade enkantolo ukuyozwa ngokuqhubeka khona ngalolu daba. -TMZ