OBEYISILOMO somlingisi woZalo oqokwe kumaSimon Mabhunu Sabela KZN Film & Television Awards ngendawo abeyidlala kulo mdlalo, uSiyabonga Shibe, uthi yize eqokiwe kodwa akabuyeli kuwo.
UShibe, owayedlala indawo kaQhabanga, ugcine ukubonakala ngoMashi ngesikhathi ehamba KwaMashu ngoba eshaywa wunembeza wokuthi "ubulele" uGabisile odlalwa nguBaby Cele. UGabisile usebuyile kulo mdlalo.
"Okwamanje alikho ithuba lokuthi ngibuyele kuZalo," kusho uShibe.
"Ngimatasa nefilimu esiyishutha eNanda. Ngicabanga ukuthi ngenye yamafilimu abantu abazowathanda kakhulu. Kukhona nomunye umdlalo engiwenzayo iThe Wife eqoshwa yiStained Glass eyenza Uzalo nokukhombisa ukuthi umsebenzi wami bayawuthakasela. Kuningi nokunye."
Lo mlingisi uqokwe emunxeni weBest Actor: TV. Uqhathwe noWiseman Mncube (Uzalo), Thobani Nzuza (EHostela) noMavuso Magubane (Durban Gen).
Uthe kuyamjabulisa ukuqokwa ngoba kukhombisa ukuthi abantu bayawubona umsebenzi awenzile.
"Ngiyazi kuzwakala njengento ehlale ishiwo kodwa ukuqokwa kukodwa kusho lukhulu, ukuwina yibhonasi. Besihleka nje ngoba abantu engiqhathwe nabo singabangani noma kungawina bani siyagqugquzelana. Siyafuna ukuwina kodwa ukuqokwa yinto enkulu. Ngihlale ngithi kodwa uma abantu bewuthakasela umsebenzi wakho yikho okukhulu okudlula imiklomelo kodwa kunabawina bengenzanga ngisho lutho olutheni."
Kweminye iminxa kumi kanje;
Best Supporting Actor:
Thabo Mnguni - Uzalo
Khaya Dladla - EHostela
Akhona Ndlovu - Diep City
Best Actress: TV
Dawn Thandeka King - Diep City
Baby Cele - Uzalo
Thuthuka Mthembu - EHostela
Best Supporting Actress: TV
Fundiswa Zwane - Imbewu
Luyanda Shezi - Diep City
Duduzile Ngcobo - Uzalo
Linda Sebezo - EHostela
Best Newcomer Actor: TV
Omega Mncube - Uzalo
Fanele Zulu - Durban Gen
Khanyisani Kheswa - Vula Vala
Best Newcomer Actress: TV
Nompumelelo Vilakazi - Diep City
Fanele Ntuli - Durban Gen
Sbongiseni Shezi - Uzalo