ANGASE asale eshwiba izandla obeyinkosikazi yomrepha uHHP, uLerato Sengadi, kulandela ukudalulwa kwencwadi yamafa akhe.
Kubikwa ukuthi uHHP, ogama lakhe lokuzalwa nguJabulani Tsambo, ushiye konke obekungokwakhe kwindonda yakhe uLeano.
Ngokwephephandaba langeSonto eSunday World, umuzi walo mrepha obiza izigidi zamarandi, imali abeyenza ngama-image rights, kanye nomculo wakhe konke ukushiye kwindodana yakhe uLeano.
Okhulumela umndeni wakwaTsambo, uMnuz Nkululeko Ncana uziqinisikisile lezi zindaba, wathi konke kuzoya kuLeano ngaphandle uma inkankolo ikhipha isinqumo esikuphikisayo lokhu.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi uHHP ushiye u-100% wezinto zakhe kwindodana yakhe uLeano. Akusithusi lokhu siwumndeni ngoba ushone kuyisifiso sakhe lesi. Okwamanje akekho osakuphikisile lokhu futhi asikulindele lokho, ngoba ngokubona wethu akukho okungaseka ofisa ukuphikisa le ncwadi,” usho kanje ecashunwa yiTshisaLive.
Noma umndeni wakwaTsambo usuveze lokhu, lubukeka lusakude ukuphela udaba lwawo noLerato, olwaqala ngesikhathi lo mndeni uchitha ukuthi ungunkosikazi kaHHP ngokomthetho.
Lo mndeni wakhipha isitatimende ucacisa ukuthi uyakuqabuka ukuthi uLerato ubesenkosikazi kaHHP. ULerato wafaka lolu daba enkantolo njengoba ayefuna ukuzingcwabela yena uHHP, ngemuva kokutshelwa umndeni ukuthi akadingeki. Inkantolo yamkhipha phambili uLerato.
UNcana uthe bazosiphikisa enkantolo isinqumo sejaji esiveza uLerato njengonkosikazi kaHHP osemthethweni kulandela isitatimende esasishicilelwe umndeni esathi wayeyingoduso kuphela. Umndeni kaHHP wafaka lolu daba eNkantolo Yokudlulisela amacala uphikisa isinqumo senkantolo eNkulu eGoli. Kulindelwe ukuthi lenkantolo inqume ukuthi wawusemthethweni yini umshado wesintu kaHHP noLerato.
Ngemuva kwesinqumo senkantolo eNkulu eGoli kwabikwa ukuthi uLerato wangena ngo dli emzini kaHHP, washintsha izingidi zomuzi. Lesi senzo kuthiwa sakhalisa kakhulu umndeni wakwaTsambo uveza ukuthi ngisho uLeano akasakwazi ukungena kuwo.
Muva nje umngani kaHHP owayebambisene naye ebhizinisini iLekoko Entertainment, uSeabelo Modibe waseBotswana, ushaya phansi ngonyawo ngokuthi indondo yeLifetime Achievement obekuhlonishwa ngayo lo mrepha kumaSama yamukelwe uLerato.
Ugxeke abahleli bamaSama ngokugijimela ukumema uLerato kulo mcimbi ngaphambi kokubathinta benomndeni kaHHP.
Indondo igcine ilandwe yindondana kaHHP, uLeano.