IZILOMO zomdlalo wethelevishini oyintandokazi kuleli, Uzalo, zizoke zishiye eceleni ukulingisa, zixovane ngequpha okwangempela ukuze kuphele inkani yomlomo ngoJuni 28. UCebolenkosi "Mr Vibe" Mthembu onguDetective Khalabemgeza Nyawo noThembinkosi Thwala onguCaptain Mondli Mdlalose, bazokhiphana inkani emqhudelwaneni wesibhakela osehholo lomphakathi waseNcotshane, Ophongolo ngalolu suku.
Ababukeli boZalo kuSABC 1 phakathi nezinsuku bayazi ukuthi uNyawo noMondli bahlale beyinkukhu nempaka kulo mdlalo. UMr Vibe uthe uselulangazelele kabi lolu suku ukuze akhiphele isibhongo sokungagijimi kwiComrades Marathon yakulo nyaka kuThembinkosi.
Nakuba eqatha ngokomzimba uThembinkosi kunoMr Vibe kodwa uMr Vibe uthe asimsabisi isigubo sikazakwabo ngenxa yokuthi naye mude kunaye.
"Ngeke angilokothe ebusweni, uzogcina ngokungishaya esiswini."
UMr Vibe waseManguzi, uthe inkonyane izobe ingathuki isisinga kuye ngoba isibhakela wake wasidlala eminyakeni edlule.
UThembinkosi waseMnambithi, uthe nakuba engakaze wasidlala isibhakela kodwa ukhule esilandela futhi usebuya kumkhalambazo. Naye uthi akamnqeni uMr Vibe eringini.
Unxuse izithameli ukuba zize ngobuningi bazo ngoba usezilungiselele ngokwanele.
Umgqugquzeli weNqobizitha Boxing Tournament, uNqobizitha Thabethe, uthe yize ziningi izimpi ezizobe ziqhathwe ngalolu suku kodwa amehlo abantu abaningi azobe ethe njo kwekaNyawo noMondli.
Nakuba lo mqhudelwano, osuneminyaka emine wasungulwa, udlala indima enkulu ekususeni intsha emikhubeni engasile kodwa uThabethe akaneme ngokugqoza koxhaso.
Unxuse uhulumeni nosomabhizinisi ukuba baphonse itshe esivivaneni.