ABESITEBELE somculo wokholo bazobonakala kwifilimu eqoshelwe eThekwini nekhuluma ngemikhumba eyenzenzeka ezindaweni zasemakhaya.
UWelcome Msweli weKhaya Music nomunye wabaculi bakhe uFikile Mlomo bangabanye babalingisi abazobonakala kwifilimu ethi Inxeba Likamama.
Le filimu eqoshelwe eNdwedwe ihlanganiswe umdidiyeli wamafilimu uLihle Namba. UMsweli odume kakhulu ngokuthuthukisa amakhono abaculi udlala indawo kaSgidi oyindoda ethwele.
Yize engakaze alingise phambili kodwa uthe uvumele phezulu uma bemcela abanikazi bale filimu ngoba ubone inesifundo.
"Isifundo esikhulu engisibona sizovula amehlo abantu abaningi indaba yokungazwani kwezizwe nokuyinto ejwayelekile. Kodwa okuhle ngayo ukuthi ekugcineni iphethe izisombululo nokwenza izizwe ezimbili okukhulunywa ngazo zigcine sezibuyisene,"kusho uMsweli.
Uphinde wakuveza ukuthi nayo le ndawo ayidlalayo yokuthwala ihambisana nesifundo esikhulu ngoba iveza izinkolelo zabantu nendlela abajaha ngayo ukufeza amaphupho.
Umculo uthe basaqhubeka nawo noFikile umatasa nomculo wakhe ukwenza le filimu kube yinto ehambisana nesikhathi esihlelelwe yona.
Ukuqoshwa kwale filimu uMsweli uthe sekuphothuliwe sebelinde ukwaziswa ukuthi izoqala ukubonakala nini.
Ngaphandle kwayo ukuvezile nokuthi bamatasa nezinhlelo zokusebenzisa nabanye babadidiyeli bamafilimu amakhulu nabo abafuna bazolingisa kwifilimu entsha esazoqoshwa eThekwini.