ABAFELOKAZI bazonekela izwe ngobunzima ababhekana nabo emindenini yabayeni babo uma beshonelwa abayeni.
Konke lokhu bazokwenza ohlelweni olusha oluthi Widowed oluzoqala ngoMgqibelo, kuMzansi Wethu (DStv Channel 163), ngo 7.30 ebusuku.
Abesifazane abakholelwa emasikweni ahlukene bazobe bekhuluma ngezinto ezithinta amasiko ezabenza bangaphatheka kahle sebesele bodwa.
UReneilwe Sema wakwaM-Net uthe uhlelo luzoqhakambisa izinkinga ezehlukene ezidalwa wumkhuba abemindeni yabayeni babo abafuna bawugcine.
“Kuyaziwa ukuthi iningi labesifazane kumele ligqoke inzilo kodwa futhi lowo mkhuba usuya ngokuncipha. Sizobheka okunye okunzima abanye abangakuthandi kodwa abaphoqeleka ukuthi bakwenze ngoba umndeni uthi kuyadingeka. Kwesinye isikhathi abesifazane basolwa ngokufa kwabayeni babo nemindeni ize ibavimbe ukuthi bangezi emngcwabeni ngenxa yokungezwani abanakho,” kuchaza uReneilwe.
Uthe akukhona kodwa nje ukuzila ababhekana nakho kodwa nendlela abaphatheka ngayo emindenini abashadele kuyo bazoyixoxa ohlelweni.
“Izinto abakhala ngazo, yize abanye befuna ukukhuluma ngazo, abakaze baxoxe
ngazo.
Uhlelo luzokubeka obala konke lokho. Abesifazane manje bazothola ithuba lokukhipha okusezifubeni zabo ukuze bakwazi ukusiza abanye ababhekana nesimo esifanayo kodwa abangazi ukuthi bakhulume nobani.
“Sethemba ukuthi uhlelo luzosiza kwabona abakhulumayo badlulise konke okwenzeka futhi baqhubeke nempilo,” kusho uReneilwe.
Uhlelo, olukhiqizwa yinkampani iThape Media, luzokwethulwa
wumeluleki wezothando, uPhindile Grootboom. Kuzobe kukhona izibukeli ezizobe zilandiswa ngowesifazane ozobe ekhona ngalelo langa.
“Siyathemba ukuthi abantu bazolujabulela uhlelo kube khona abakufundayo kulo.”
UPhindile nomyeni wakhe uMonwabisi, abebehlanganisa iminyaka ewu-15 izolo beshadile, bakhiphe incwadi entsha. Incwadi iStuff we wish we knew before Getting Married itholakala kwi-website yabo ethi www.moandphindi.com nakwethi www.loot.co.za ngoR250.
“Sikhuluma ngezinto esifisa ngabe sazazi ngaphambi kokuthi sishade nezinto esesizifundile. Inezihlokwana eziwu-13 phakathi kwazo ezithinta ukuthi abantu bashade bengakhulumanga ngezimali ukuthi bami kanjani. Ungashada nomuntu ungazi ukuthi igama lakhe lingcolile kwiCredit Bureau. Ushade nomuntu kanti ucwile ezikweletini futhi nishade nihlanganise impahla ungabe usayiphila impilo oyifunayo,” kusho uMo.