SIPHENDUKE ihlaya ezinkundleni zokuxhumana isilomo somculo waphesheya uRihanna ngokucwecwa amashiya kuze kweqe.
Lesi silomo sivele kwiphephabhuku laphesheya kwezilwandle, iVogue, kukhangiswe ngaye ngaphandle njengomunye wosaziwayo abaphethe isitayela kwezemfashini. Lezi zithombe zakhe kuvukwe ngazo ezinkundleni zokuxhumana ikakhulu kutwitter lapho abantu bebekhala khona ngokuthi asidlisi lesi sitayela.
Kuzokhumbulukea ukuthi muva nje kungenise isitayela sokwenza ishiya libukeke lilukhulu futhi ligahlukile kakhulu kwelemvelo.
Kodwa ukuqhamuka kukaRihanna nesitayela esike sangenisa kakhulu phambili kwabesifazane ebebethathwa njengabantu abangazazi izinto kumdonsele amanzi ngomsele.
Babodwa ebebemgxeka ngokuthi ukopela isitayela esafika kuqala eNingizimu Afrika. Abanye besebembhuqa ngokuthi isitayela sezintokazi ezisebenza ezitolo nezingafuni ukulalela ongoti bokuzicwala.
I’m a riri fan but nope, I’m not jumping on this one.. this can miss me 🙅🏻♀️
— MaKotelo (@KgaugeloKotelo) July 31, 2018
South African women did those Rihanna eyebrows first! Now they are on the cover of British Vogue. Y'all are trendsetters, ladies 😂❤️ pic.twitter.com/KrP1vwtfZe
— A Y A 💋 (@AyandaOnline) July 31, 2018
iWorry yam is that our love for Rihanna will derail some people in the eyebrow department.Gaurd your hearts bazalwane, no Vogue formed against you will prosper.✊🏾
— Bonnie Mbuli (@BonnieMbuli) August 1, 2018
Riri i love u but this time "Andizi" swry 🤘
— Zamido (@Zamido3) August 1, 2018
Ungoti wezobuhle eThekwini uNonhlanhla "Nodi" Cele weGlamazone Mobile Beauty Boutique uthi lolu hlobo lweziphaqulo belenzelwe ukuqedela uhlobo lwesitayela ebekumele abukeke ngaso.
"Abantu abangathatheki abaqhubeke benze ama-eyebrows on fleek.
Lokhu bekwenzelwe ukushutha futhi abawasusanga awakhe agqitshwe iziphawulo ngaphansi. Lento yokucwecwa amashiya ayikaze ibe sesitayeleni,"kusho uNodi