ISEMATHENI ezinkundleni zokuxhumana kubantu besifazane indodana kamengameli Cyril Ramaphosa, uTumelo Ramaphosa.
Kusukela ebekwe njengomengameli omusha kuleli uRamaphosa amehlo athe njo kuyena nomndeni wakhe. URamaphosa unezingane ezine okungu Tumelo, Andile, Kiki noMashudu.
Kuleli sonto izithombe zikaTumelo, ongusomabhizinisi oyisikhulu esiphezulu senkampani ayisungula iStudex, zigcwele ezinkundleni zokuxhumana itwitter neFacebook, kukhala ikakhulukazi abesifazane ngokubukeka kwakhe.
Sanibonani I greet you all in the name of Tumelo Ramaphosa pic.twitter.com/jf9P3V5cKy
— S'thembile Cele (@SthembileCel) February 20, 2018
R1million bounty for anyone who hooks me up with Tumelo "Yaka" Ramaphosa
— Nkgono Neria (@neriahlakotsa) February 20, 2018
Ngaphandle kokugxila emndenini kaRamaphosa, umengameli unconywe abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi emema umphakathi ukuthi uzivocavoce naye namhlanje ekuseni eKapa. Uhambe ibanga elingu-5KM nabantu, abanye babo bezikhulumela naye ebaphendula imibuzo.
In a bid to promote healthy living, Cape Town residents have been invited to join President @CyrilRamaphosa for daily morning walks, which begin at 5.30am.
Ramaphosa will walk from the Gugulethu sports ground to Athlone Stadium.
Pictures: Phando Jikelo/African News Agency/ANA pic.twitter.com/cuAkODJilS
— Cape Argus (@TheCapeArgus) February 20, 2018
Namhlanje uRamaphosa uzobe ephendula iziphakamiso nezincomo ezibekwe abamaqembu aphikisayo ngesikhathi kunenkulumo mpikiswano izolo ngenkulumo yakhe yesizwe ayethule ngeledlule
- Isolezwe