SEKUPHELILE ukuqagela ngokuthi ngobani abazolingisa emdlalweni omusha waku e.tv, Imbewu: The Seed oqoshwa KwaZulu-Natal eChatsworth, eMlaza naseNquthu, okulindeleke ukuthi uqale ukuboniswa ngo-Ephreli nonyaka.
Abalingisi abashiya emdlalweni Uzalo, uGxabhashe (Mpumelelo Bulose), uMaNzuza (Leleti Khumalo) noThembi Mtshali-Jones, bangabanye osekuqinisekisiwe ukuthi bazolingisa izindawo eziphambili kuwo.
Laba balingisi kuvela ukuthi sebethole amadlelo aluhlaza kuwo. Kwavela ukuthi balandwa uDuma kaNdlovu ongomunye wabasunguli boZalo osewashiya kulo. Inkampani yakhe iDuma Ndlovu’s Word of Mouth Pictures ingaphansi kwenkampani edidiyela lo mdlalo iGrapevine Productions ngokuhlanganyela ne-Anant Singh’s Videovision Entertainment neLuyks Productions.
Kuthiwa bazobe beyingxenye yomndeni wakwaBhengu lapho uLeleti elingisa indawo kaMaZulu okuyinkosikazi kaZimele, olingiswa uMpumelelo.
UThembi Mtshali-Jones osanda kushiya emdlalweni okhonjiswa ku e.tv iBroken Vows, uzolingisa indawo kaMaNdlovu okungunina kaZimele nomfowabo uPhakade (Sandile Dhlamini).
Omunye umlingisi osezakhele igama uRaphael Griffith olingisa indawo kaVusi emdlalweni wakwiSABC2 iMuvhango, yena uzolingisa indawo kaZithulele.
Lo mdlalo kuthiwa uzodlisela ogageni Uzalo nalo oluqoshwa eThekwini njengoba kulindeleke ukuthi uvumbulule amakhono abalingisi baKwaZulu-Natal.
UZiyanda Mngomezulu oyiHead of Local Productions uthe i-e.tv izimisele ngokunikeza ithuba abalingisi abasafufusa nokuqhakambisa ikhono labalingisi abamnkantshubomvu.
“Umdlalo Imbewu: The Seed uvumbulule abalingisi abasha abaqhamuka KwaZulu-Natal lapho uqoshwa khona. Asingabazi ukuthi laba balingisi bazofika kuzwakale kulo mkhakha wethelevishini. Ababukeli bazokujabulela ukubona ubuso obusha obuzobe bucijwa izinkakha zabalingisi abazobe beshiyelana inkundla nabo. Lo mdlalo wansuku zonke uzoqala ukuboniswa ngo-Ephreli nonyaka,” kusho uMngomezulu.