ABASHADILE baseMthunzini abayizangoma uSabelo noPearl Sifudza bathi abazisoli ngokuthatha isinqumo sokuqopha uhlelo obelukuMzansi Magic, oluthi Izangoma Zodumo isizini yesibili ephele emasontweni amabili adlule.
USabelo odume ngelikaMkhulu Sifudza uveze ukuthi yize abantu bebebagxeka abanye bebakhombisa uthando, kodwa ukungena kwabo ohlelweni kubavulele amathuba amakhulu.
Engxoxweni abe nayo neSolezwe uveze ukuthi ukholelwa ekutheni abakubo abangasekho ibona ababavulele amathuba, ukuze babe yingxenye yohlelo.
“Kube yinto ejabulisayo kumina nonkosikazi ukuthi sithole ithuba elifana naleli. Injongo enkulu bekuwukufundisa abantu siphinde sibakhombise into ehlukile ngobunyanga nobungoma. Yize kube nemibono ehlukene kodwa abantu kumele bazi ukuthi besingeke siveze ukuthi silapha kanjani futhi siphila yiphi impilo uma sesingene shi la sisebenzela khona. Uma siqeqeshwa kulo msebenzi kuba khona izinto esiyalwa ngazo, ngakho laba abangajabule cha akukho okudlula lokhu abakubonile ebesizobakhombisa kona,” kusho uMkhulu uSifudza.
Uthe okunye okuphinde kwaba yinjabulo ukuzibona kwithelevishini, njengoba ubelokhu eluphindaphinda uhlelo engakholwa.
“Ngingasho nje ukuthi konke kwenzeke ngesikhathi sako. Uma kuza kubantu esibasebenzayo ngeke ngisho ukuthi sebezotheleka ngobuningi ngenxa yokuthi sivele kwithelevishini, vele besenza kahle singakaziwa njengoba amakhasimende abeqhamuka kulona lonke leli nasemazweni angomakhelwane bethu,” kusho yena.
Uthe manje yize yena eziphilisa ngokusiza abantu unkosikazi wakhe engumhlengikazi, bazophinde baqhubeke nokuhlela imicimbi lapho bezosiza khona abantu abafuna ukwazi kabanzi ngomkhakha abakuwona.