ABAPHEKI abayishumi abazoqhudelana kowe-Taste Master SA
Image: SITHUNYELWE
LUBUYE ngezinkani uhlelo oluyintandokazi lwabapheki iThe Taste Master SA, ngesizini yayo yesithupha futhi kulo nyaka umncintiswano mkhulu, kubhekwe ukudla okuconsisa amathe nemibhako eyehla esiphundu.
Njengamanje, lo mqhudelwano ugcwele ukunambitheka kakhulu kunangaphambili. Abapheki basekhaya abayishumi abashisekayo nabahlukahlukene nababhaki, abavela eNingizimu Afrika yonkana, sebekulungele ukubhekana nenselelo enkulu yezokupheka, ngethemba lokuklonyeliswa njengengqwele yokunambitheka yaseNingizimu Afrika elandelayo.
Kusukela kubenzi bemilingo ukuya kubathandi bokudla okuvamile kwaseNingizimu Afrika, umuntu ngamunye ongenele umncintiswano uletha esakhe isitayela esiyingqayizivele kanye nendaba exoxwa wukudla. Ngaphambi kwesizini entsha elindelwe ngabomvu, sihlangana nabathandi bokudla abanekhono abazobe befaka ukushisa kule sizini:
Chevonne Fourie waseKaapsehoop, eMpumalanga
Umsebenzi: Umpheki nomphathi
UChevonne ungumpheki, umphathi wasehhotela nomdwebi. Le ntokazi yakhulela ehhotela lomndeni elinemfudumalo, igqamisa umama nogogo wayo ngokutshala imbewu yothando lokudla kuyona. Yaqala isencane ukupheka futhi yakhula nalo uthando lwalo msebenzi, ithanda isitayela sokudla sama-French, kanti inethemba lokuthi lo mncintiswano uzomhlahlela indlela yokumgqamisa, ikhulise ibhizinisi layo, bese ijabulisa umndeni wayo.
Danielle Speek wasePitoli
Umsebenzi: Uyi-X Designer
UDanielle ungumbhaki onogqozi nofuqufuqu. Uyathanda ukuzama okusha, okuhlukile kanti uthando lwakhe lokubhaka lwaqala ezinkundleni zokuxhumana. Uthi unesifiso sokujabulisa abazali bakhe baziqhenye ngaye nemizamo yakhe. Ufisa ukuthi ngelinye ilanga asebenze ngokuphelele njengombhaki.
Xolile Makutoana waseKapa
UMsebenzi: Project Coordinator
Le nsizwa ezalelwe eKapa yazifundisa yona ukubhaka, ithi ithanda kakhulu ukudla kwesintu. Ithanda ukudla kweCape Malay ngoba kuthakwe kakhulu ngezinongo ezimnandi. UXolile uzibona engumpheki wakusasa ohamba phambili ngoba ukwazi ukuhlangisa indlela yokupheka ejwayelekile nokuzama okusha. Uthi akachithi isizungu kuphela ngokubhaka kodwa uyakuthanda futhi indlela egqamisa ngayo ubuyena. Uthi ukuwina lo mncintiswano kuzomsiza ukukhulisa ibhizinisi lakhe, ukuzigqamisa nokuhlonipha umlando womphakathi wangakubo.
Meggan Volkwyn waseKapa
Umsebenzi: Content Creator we-City of Cape Town Events Department
Le ntokazi esebenzela uMasipala waseKapa ithanda ikhishi kakhulu, ithi ukubhaka yakuqala isencane isiza ugogo wayo ngamaSonto. UMeggan unesifiso sokuvula i-café ezosebenza njengesikole sokufundisa izingane ukubhaka.
ABAPHEKI abayishumi abazoqhudelana kowe-Taste Master SA
Image: SITHUNYELWE
Kershnie Govender waKwaZulu-Natal
Umsebenzi: Uyazisebenza
Le ntokazi enhle futhi enesibindi, yazifundisa yona ukuhlanganisa izithako zokwenza ukudla okumnandi, ithi yakhuthazwa ugogo wayo. UKershnie ubona ukudla kuyithuluzi elihamba phambili lokuhlanganisa abantu. Uthi unephupho lokuvula eyakhe indawo yokudlela futhi ubona lolu hlelo lungamnikeza lelo thuba eliyingqayizivele. Uthi ukuphekela umndeni wakhe - abeseki bakhe abakhulu - kumlethela enkulu injabulo. Kodwa manje usekulungele ukuphekela izwe lonke.
Mpho Moud Kgomo waseVosloorus
Umsebenzi: Umpheki
UMpho unesibindi, unamasu amahle ahlukile uthi ukukholwa isithako esibaluleke kakhulu ekuphekeni uThando. Naye ungomunye owafundiswa ugogo wakhe ukupheka, uthanda kakhulu ukushintsha ukudla okujwayelekile akwenze ngendlela ehlukile nekhethekile. Uthi ungene kulo mncintiswano ukukhuthaza futhi abonise ababukeli ukuthi ukupheka kuletha injabulo, ubumbano namathuba amasha. Unamaphupho amakhulu okukhula nokugqama futhi ukulungele ukuthatha indawo yakhe ebalazweni.
Lucky Mashudu Masinya waseGoli
Umsebenzi: uyiPatisserie Lecturer
ULucky uphilela ukubhaka. Iqhawe lakhe ekuphekeni uBenoit Blin, athanda isitayela sakhe sokuhlanganisa ukudla kwesimanje akushaye kube sezingeni eliphezulu kakhulu. Uthanda ukwenza ukudla okubukeka kukuhle futhi kumnandi. Intshisekelo yokungena kulo mncintiswano wayithola ebukela amasizini adlule, ebona indlela abebenza ngayo ababebambe iqhaza phambilini sebephila amaphupho abo. Unesifiso sokuvula elakhe ibhizinisi eGoli, futhi unethemba lokuthi lo mncintiswano uzombeka ebalazweni.
Joy Tinyiko Sithole - waseGoli
Umsebenzi: uyiMonitoring and Evaluation Specialist
UJoy uthanda ukudla okumnandi futhi ukhuthazwa kakhulu ngabesifazane ababambe iqhaza ekumakheni, umama wakhe nogogo bakhe. Uthi kuyena, ukudla kuwuphawu lokunethezeka, lwamasiko nokuxhumana. Isitayela sakhe sihlanganisa ukudla kwesintu okuphekwe ngendlela yesimanje. Ubona i-Taste Master SA iyindlela yokuzilolonga ngamasu amasha angaqhamuka nawo, ukuveza amakhono akhe nokuzakhela indawo ezinkundleni zabakhangisa ngokudla. Iphupho lakhe ukukwandisa ulwazi lwakhe ngokudla nokuthakasela ubumnandi bokushaya into econsisa amathe.
Larce Raymann - waseGoli
Umsebenzi: uyiMarketing Coordinator
ULarce uthi uthando lukababa wakhe lokudla okumnandi yikona okumkhuthazayo ukuba ashaye ukudla okumnandi nokubukeka kahle. Uthanda ukuhlanganisa izithako ezenza ukudla kubukeke kukuhle. Lonke ipuleti lakhe libukeka likhazimula, ungaze ufunge ukuthi uphekela umcimbi. Uthi lo mncintiswano umnikeza ithuba lokufunda kwizingcweti, ikakhulukazi uZola Nene. Unesifiso sokuthi ngelinye ilanga uzovula indawo yakhe yokudlela. ULarce ukulungele ukukhula, ukupheka nokwabelana ngothando lwakhe nezwe lonkana.
Dustine Tobler - wasePitoli
Umsebenzi: Umpheki futhi uyiFood Stylist (wazifundisa yena)
UDustine uneminyaka engu-55 ubudala, uwubufakazi bokuthi asikho isikhathi esibekelwe ukulandela amaphupho akho. Upheka ukudla okubukeka kukuhle futhi uxoxa nezindaba ezivusa imizwa. Uthi ukhuthazwa ukwahlukahlukana embonini yokupheka, naye wafika nokwakhe, okugqamisa izingabunjalo nobuhle. Uthi ukudla kuletha injabulo futhi uthemba ukuthi lo mncintiswano uzomnikeza ithuba lokushiya akujwayele, umhlahlele indlela entsha ehambweni lwakhe lokupheka.
ABAPHEKI abayishumi abazoqhudelana kowe-Taste Master SA
Image: SITHUNYELWE