Abafuni nokuzixaka ngokubuka iqophamlando elikhuluma ngempilo kaBrenda Fassie, abantu abaningi abaphawule ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi konke sekumi ngomumo ngomsebenzi okhuluma ngempilo yalo mculi ongasekho.
Ukuvela kwezindaba zokuthi uChicco Twala uyingxenye yaleli qophamlando okuthiwa kulindeleke ukuba isakazwe kwiNetflix, kushiye abaningi beshaya amakhala, abanye belibeka ngembaba elokuthi ngeke bazihluphe ngokulibuka, ngoba hleze liqumbise iphakethe likaChicco yedwa.
Enkundleni yokuxhumana iTwitter, abantu bakuleli abaphawule ngalolu daba iningi labo lithe uChicco ungumuntu onomhawu, futhi bafuna ukwazi ukuthi indodana kaBrenda - uBongani - izozuzani ngeqophamlando elimayelana nempilo kanina ngaphambi kokuthi balibukele.
Abanye bavuse izindaba zakudala, njengoba bethe uChicco wazama ukuvimba uBongani ukuthi enze umdlalo ngonina, wathembisa ngisho ukumbopha, uma eqhubeka nawo.
UFarah C. Fortune uthe “Ngeke ngize ngilibuke leli qophamlando. Iphuzu lami liwukuthi uChicco akumele kube khona akutholayo ngalo. Nginomuzwa wokuthi uBongz onelungelo lokwenza konke lokhu”.
[email protected]_sa uthe “Noma yini ethinta uChicco Twala, mina nje angiyifuni”.
UMoe Suttle uthe “Ngiyaxolisa anginamdlandla ngaleli qophamlando elizokhonjiswa kwiNetflix ngempilo kaBrenda Fassie, ngoba ngazi kahle ukuthi uChicco Twala ozothola yonke into ngaphezu komndeni wakaFassie futhi uyena osaphethe zonke izinto ezithinta umculo wakhe”.
[email protected]_Trev uthe: “Mina nje siqu sami angizimisele ngokuxhasa noma yini eyenziwa uChicco”.
URaymond Monty Maboea uthe: “Kuyadabukisa ukuthi iqophamlando ngempilo yenkakha lizophuma, kodwa iningi labantu bakuleli alizimisele ngokulibuka. Asiwukhohliwe umsebenzi omuhle uChicco awenza noBrenda Fassie, benza kahle, kodwa ngeke size sikhohlwe indlela engeyinhle aphatha ngayo umndeni kaBrenda”.
AbeNetflix bethintwa mayelana nezindaba zokuthi ibona abazosakaza leli qophamlando, bathe ngeke baze baphawule okwamanje ngalo njengoba lezi zindaba zisakhulunywa ezinkundleni zokuxhumana.
Bathe uma kukhona osekuphuma ngakubona okuqinisekisa ukuthi lizokhonjiswa ibona kula beyophawula khona ngezinto ezithinta lona.
Isolezwe lizame kaningi ukuxhumana noChicco kodwa ucingo lwakhe belukhombisa ukuba matasa. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engatholakalanga.